Izobuya isikhokha isizumbulu kompetha iMangosuthu Marathon

UDABA: ALFRED NGUBANE
ISITHOMBE: GOOGLE

Sekusele kukhishwe usuku okuzogijima ngalo umjaho wokuhlonipha undunankulu kaZulu, inkosi uMangosuthu Buthelezi, iPrince Mangosuthu Ultra Marathon. Lokhu kuvezwe ngokhulumela umasipala uMzinyathi, uNomonde Nzimakwe, othe yize usuku lungakanqunywa, kodwa nakanjani kuzoba wuJulayi.

“Iziphathimandla zikamasipala zizohlangana maduze nje ukuze kuboniswane ngosuku okuyilo olufanele. Kodwa esingakuqinisekisa wukuthi kuzoba wuJulayi. Lo mjaho silindele ukuthi uhehe abagijimi abasezingeni bakulo lonke elase-Afrika ngoba ukhokha imali enhle,” kusho uNomonde.

Uveze ukuthi umgijimi ozodla umhlanganiso kwabesifazane nabesibili ngokufanayo bazohola uR100 000. Lo mjaho uzosukela eNquthu uphelele eDundee.

“Lo mjaho ngokwokuhlonipha inkosi uMangosuthu Buthelezi ngemisebenzi yakhe emihle ayenzele isizwe. Uzokhumbula ukuthi wenze kahle kakhulu ukuthuthukisa nogqugquzela ezemfundo, ukwakhelwa kwabantu izindlu nokusungulwa kwamafemu ukuze abantu basebenze bakwazi ukuziphilisa.

“Udlale nendima enhle ekuqinisekiseni ukuthula nokuhlasana kahle kwabantu,” kuchaza uNomonde. Uthe balindele ukuba bathole inqwaba yezicelo zokungenela lo mjaho. Kodwa bazoqinisekisa ukuthi imigomo yokuvikela ukubhebhetheka kweCovid-19 iyalandelwa.

Kusobala ke nokho ukuthi ngeke babe nenkinga yokuheha abasubathi kulo mjaho ngoba ngale kokuthi bakulambele ukubuyela emgwaqeni ngemuva kwesikhathi eside, imali ekhokhwayo iyahalisa.

Kusenjalo, kulindeleke neminye imijaho ebinesasasa KwaZulu-Natal ngaphambi kokumiswa ngenxa yokhuvethe nayo ibuye. Impempe ihoshe umoya wokuthi mijaho efana neZululand Marathon, Harry Gwala Marathon neQaph’eqolo Marathon iyabuya nayo maduze nje.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.