Izocacisa ikusasa likaNkululeko Mhlongo impi azoyilwa noNyamazane

Izocacisa ikusasa likaNkululeko Mhlongo impi azoyilwa noNyamazane
UNkululeko "Bulldog" Mhlongo
Alfred Ngubane 

UNkululeko “Bulldog” Mhlongo waseShowe uzovikela ibhande lakhe lesicoco sakuleli esisindweni seMiddleweight ku-Ayanda “Nyamazane” Mthembu waseMandeni.

Lezi zinsizwa zizohlubana ngequpha ngoFebhuwari 27 eVictoria Mxenge Indoor Sports Center Emlazi ezimpini eziqhathwe yiStarline Bocing Promotions kaZandile Malinga.

Ekhuluma neMpempe ngalezi zimpi, uZandile uthe uMhlongo bekumele alivikele ngonyaka olule leli ibhande lakhe kodwa kwaba nezinkinga ngaphansi kweDMZ Boxing Promotion neBoxing South Africa.

“Le mpi ibisiphasisile ngakho ugxume wahlala kuyona,” kusho uZandile okhombisa ukudlondlobala kakhulu ekuhleleni izimpi ezise zingeni eliphezulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi iBSA ibe nokumethemba ngonyaka ka-2020 ngenkathi imgixabeza ngezimpi zabesimame nalapho waqwaqwada bonke abahleli bezimpi eNingizimu Afrika.

Uphinde wahlela izimpi eziningi ezinohlonzo kanti njengamanje udlondlobele ngale ndlela yokuthi usenconywe nanguMbali Zantsi owaba ngowokuqala kwabesifazane ukugqama ekuqhatheni izimpi.

Le mpi ibalulekile kuMhlongo njengoba izocacisa ngekusasa lakhe okaBhebhe ukuthi ngabe uthatha umhlalaphansi esibhakeleni noma usazoqhubeka ayibambe.

Lo mpetha useginqe phansi izinsizwa eziningi kakhulu evikela leli bhande lakhe. Umbuzo okhona manje ngothi ngabe uNyamazane uzokwazi yini ukuphuca u-Mhlongo leli bhande.

UZandile uphinde wacacisa ngokuqhathela kwkahe lezi zimpi eThekwini. Ubalule ukuthi ungumhlali wakhona yize angeke akhohlwe yikhaya lakhe elikhulu eliseMnambithi.

Uzoqhubeka nakhona ayoqhatha khona aphinde ahlwaye nekhono elikhona. Kuzokhumbuleka ukuthi usekhiqize amabhokisa asengoshampeni.

FUNDA NALA: UTinkler uzobona yena uqobo esemncane kumdlali omusha weCity

Uma sibheka ambwalwa nje kukhona oGcina Makhoba waseDundee noNkosinathi Maduna waseMnambithi.

Enye impi ezoheha amehlo abantu ngekaSimiso “Ganda-Ganda” Buthelezi waseFilidi noSiphesihle Mtungwa waKwaXimba.

Le mpi eyebhande elingaphethwe ngumuntu leWBF esisindweni seLightweight.

Sezizonke izimpi zimi kanjena:

SA Middleweight title: Nkululeko Mhlongo v Ayanda Mthembu
WBF Lightweight title: Simiso Buthelezi v Siphesihle Mtungwa
Msawenkosi Ndwandwe v Amel Lubisi
Brendan Naunde v Sam Sithole
Prince Dlomo v Siya Mabena
Mduduzi Mzimela v Mawande Mbusi

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *