Izodla ngokushuba imidlalo yokuqala yeDStv Premiership

Izoqala ngegiya eliphezulu imidlalo yeDStv Premiership
Uyaqala ngo-Agasti 5 umbango wale ndebe yeDStv Premiership
Sbongs Gumbi

Uhla lwemidlalo yeDStv Premiership yesizini ezayo luveza ukuthi izoshuba imidlalo yokuqala yezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Ngokwalolu luhla, Impempe enalo njengoba kukhona isikhulu esiyipotshozele, iChiefs izoqala ekuhambeni lapho izobhakana khona neRoyal AM, eChatsworth Stadium.

EzikaMaMkhize ziyithwalise uthayela kunomoya iChiefs ngesizini edlule, njengoba yayishayele ekhaya ngo 4-1, zayiphinda noma seziseThekwini ngo 1-0.

Imidlalo yeligi iqala ngoLwesihlanu luka-Agasti 5 lapho iMamelodi Sundowns izobe isekuhambeni kwiCape Town City.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi iCity yiyo elale isibili ngemuva kweSundowns kwiligi ngesizini edlule, okwenza lo mdlalo uhlabahlose kakhulu.

Kuzobe sekuthi ngakusasa kube yiRoyal AM neChiefs. IPirates yona izoqala ekhaya ibhekene nomkhaya bayo iSwallows FC.

Ngokwezinga leqembu nabadlali, iPirates isingawabala la maphuzu kodwa ngenxa yokuthi ibhola liyagingqika, kungabe iyazilimaza uma yenza kanjalo ingakawafaki emxhakeni.

Omakoti kwiligi kule sizini, iRichards Bay, nayo izoqala nomkhaya bayo baKwaZulu-Natal iLamontville Golden Arrows, ePrincess Magogo Stadium ngawo uMgqibelo.

IMaritzburg United, ezobe isishaya ngonyawo olusha phansi kukaJohn “Vuligate” Maduka, izoqala ekhaya ibhekene neSekhukhune United.

AmaZulu wona azoyiqala ekuhambeni eyawo imidlalo njengoba ezolibangisa eMbombela Stadium la ezobe iyogadulisana khona neTS Galaxy.

FUNDA NALA: Usekhonjwa kwiSekhukhune obebhekwe kwiChiefs nePirates

Omunye umdlalo ozokhanga yilo okuzobe kubhekene khona uyise nendodana ophakathi kweSuperSport United neChippa United.

ISuperSPort isanda kubuyisa uGavin Hunt kanti iChippa iqashe uDaine Klate okhuliswe nguye uHunt ebholeni, waphinde wamfaka nakwezokuqeqesha.

isiyonke le midlalo ime kanje:

NgoLwesihlanu, Agasti 5: CT City v Mamelodi Sundowns

NgoMgqibelo, Agasti 6: Arrows v Richards Bay; Pirates v Swallows, Royal AM v Chiefs, Marumo Gallants v Stellenbosch, Maritzburg v Sekhukhune

NgeSonto, Agasti 7: TS Galaxy v AmaZulu, SuperSport v Chippa

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *