Izodla ngokuthothana imidlalo yeMomentum One-Day Cup

Sihle Ndlovu

Ngempelasonto kuzosuka ushikishi lwemidlalo yeMomentum One-Day Cup kulandela ukumiswa kweyeCSA 4-Day Series ngoDisemba ngenxa yokuhlanga kweCoronavirus.

ICricket South Africa (CSA) ithathe isinqumo sokumisa imidlalo ye 4-Day Series sekuzosongwa unyaka ngoba kuvele ukuthi ezinye zezinkundla obekudlalelwa kuzona zisezindaweni eziyisizinda seCovid-19. Vele bese kukhona abadlali bekhilikithi abebetholakala benaleli gciwane kuleli, nobekwenza ukuthi kungadlaleki ngokukhululeka.

Imidlalo yeMomentum One-Day Cup eqala ngoMgqibelo izodlalelwa enkundleni eyodwa ukuze abadlali bangazitholi besengozini yokutheleleka ngeCoronavirus. I-CSA inqume ukusebenzisa iJB Marks Oval, esePotchefstroom, emidlalweni yokuvula yeMomentum One-Day Cup lapho kuzobe kuzinze khona iTitans, Knights neDolphins.

NgoMgqibelo ngo-10 ekuseni kuzovula umdlalo okulindeleke ukuthi kushunqe uthuli kuwona phakathi kweTitans neDolphins. IDolphins ngeke ikuthole ukuphumula okutheni njengoba kuzothi ngeSonto ibhekane neKnights ngo-10 ekuseni.

Nayo iKnights izothi iphuma ekudlaleni neDolphins ngeSonto bese ibhekane neTitans ngoMsombuluko. NgoJanuwari 14 kuzophinde kutholane phezulu iDolphins neTitans, bese kuthi ngoJanuwari 15 kuhlangane iTitans neKnights.

Imidlalo yasePotchefstroom izovalwa ngomdlalo phakathi kweKnights neDolphins ngoJanuwari 16.

Kuyacaca ukuthi amaqembu kumele aye kule midlalo ezilungiselele ngempela ngoba kuzobe kungekho ukuphumula.