Idlalela ukuwina iTshakhuma, ibhola elikhangayo izobuye ilibone

UThabo Mnyamane weTshakhuma Tsha Madzivhandila

MTHOKOZISI MNCUSENI

‘Indawo esikuyo kwilogi ayisivumeli nakancane ukuthi sidlale ibhola elihle kumbe elichazayo, ngakho-ke okusemqoka kithi ukuvala emuva siqinisekise ukuthi asishaywa.’

Lokhu kushiwo uDavid “DVD” Mathebula ongomunye wabaqeqeshi kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila enqobe ngo 1-0 kwiStellenbosch FC ngeSonto ntambama emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium.

Ngokwalo mqeqeshi osebenza noDylan Kerr, kusekude kabi lapho bebheke khona ngakho okubalulekile kubo njengamanje amaphuzu ukuze iqembu lisuke engcupheni yezembe elikuyona.

“Asinalo nelincane ithuba lokudlala ibhola elizonconywa ngabantu ngoba asikho esimeni esivuma lokho. Okusemqoka kithi ukungangenelwa amagoli okwamanje.

“Lokho (ukungangenelwa) kuyisisekelo futhi kusobala lapho sibheke khona njengoba lo mdlalo wanamuhla (neStellenbosch) bekungowesithathu singashaywa futhi singangelwa yigoli,” usho kanje lo mqeqeshi ozakhele olukhulu udumo elihlikihla esiwini kwiKaizer Chiefs nakwiSuperSport United.

Uyavuma uMathebula ukuthi bekungelula kwazise iStellies ngelinye lamaqembu aziwayo kwiDStv Premiership ukuthi umphumela uwuthola uzwile kuwo.

Akuhambi ke kahle nokho kwezikaSteve Barker kulezi zinsuku njengoba induku ikhala macala wonke. UMathebula ukhale nangokusheshe bakhathale.

“Inkinga esinayo manje ukungabi yimiqemane ngokwanele kwabadlali abathile, njengoba kucacile esiwombeni sesibili. Kuyakhuthaza nokho ukubabona bezihudula beya khona.

“Ngikholwa ukuthi sizamile ikakhulukazi esiwombeni sesibili ngokuthi singadlaleli engxenyeni enkulu yethu kodwa phela bekubuye kuvele ukuthi sibhekene neqembu elinzima.

“Ngijabule kakhulu ngalo mphumela yize siwuthole sivovekile. Besibhekene neqembu elinzima. Ibhola sizamile ukuligcina kodwa ukuba kwabo yiqembu elinzima bekungasiniki lelo thuba (lokuligcina ngendlela ebesifisa ngayo).

“Nakuba sigcine siphoqeleka ukuthi sikhiphe abadlali bethu abebegqamile ngenxa yokukhathala, ngineme kakhulu ngokuthi isisekelo sethu siyaqala siyakhomba ukuthi siyaphi njengeqembu,” kusonga yena uDVD.

Leli qembu elithenge iBidvest Wits ngesizini edlule kodwa selinabaphathi abasha lizoya kwiSwallows FC ngoLwesihlanu emdlalweni weNedbank Cup.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.