OKADONGA GUMBI
Emidlalweni emihlanu edlule, iKaizer Chiefs iwine emibili, yadlala ngokulingana kwemibili yabe seyihlulwa kowodwa. Lokhu kudweba isithombe sokuthi izinto azibhedi ngendlela okucatshangwa ngayo eNaturena, nokho indawo ekuyo iChiefs kwiDStv Premiership nakwiCAF Champions League ayiginyisi mathe.
Amakhosi asenethuba lokudlulela phambili kwiChampions League njengoba esendaweni yesithathu kuGroup C futhi elingana ngamaphuzu neHoroya. Womabili lamaqembu amaphuzu amahlanu.
Sekusele imidlalo emibili kulesi sigaba samaqoqo kanti Amakhosi adinga okungenani ukuwina owodwa, bese edlala ngokulingana komunye ukuqinisekisa indawo yawo emzuliswaneni olandelayo.
Kuzothi ngoMgqibelo iChiefs igadulusane neWydad Casablanca yaseMorocco eFNB Stadium emdlalweni okumele iwunqobe uma kuwukuthi izokwazi ukudlula kulesi sigaba.
“Sinemidlalo emikhulu esizobhekana kuyo bamaqembu amanye asendaweni efanayo nathi kanti amanye akwengcono kwiligi. Nokho sesinomgqigqo manje, sesinesikhashana singehlulwa okuyinto ebalulekile. Kodwa kumele siqale siwine, siyeke ukudlala ngokulingana,” kusho umqeqeshi uGavin Hunt.
“Kuyinto engafihliwe ukuthi sihlalelwe womkhulu umsebenzi kwiWydad okuyiyona esizobhekana nayo lapha ekhaya, ngakho kumele sigxile kuyo manje. Ngemuva kwayo sinomdlalo weligi bese silibangisa eGuinea.”
Unethemba nokho lokuthi uzobe esehlome ephelele njengoba bezobe sebebuyile noKhama Billiat noLeonardo Castro abebelimele kanti noRamahlwe Mphahlele obemisiwe kweyeCAF usebuyile.
Kweyasekhaya, iChiefs izolwela ukuvika ihlazo engazithela ngalo uma ingahluleka ukungena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiligi. Leli qembu laseNaturena lisendaweni yesishiyagalolunye kumanje.
Azobhekana neStellenbosch ngo-Ephreli 6 eFNB Stadium futhi nje yonke le midlalo eyisikhombisa ezoyidlala ngale nyanga ibukeka onzima futhi izocacisa ngokuthi libhekephi leli qembu.
“Kufanele nakanjani. Kumele singene,” kusho uHunt ngemuva kokubuzwa ngokuqeda esemaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
“Kuzoba wumsebenzi onzima kodwa uma sesidlule la (kwiChampions League), sizobe sesizama ukukulwela lokho.”
Imidlalo yeChiefs ngo-Ephreli
Ephreli 3, v Wydad – ekhaya
Ephreli 6, v Stellenbosch – ekhaya
Ephreli 10, v Horoya – ekuhambeni
Ephreli 13, v Baroka – ekuhambeni
Ephreli 21, v Cape Town City – ekhaya
Ephreli 25, v Mamelodi Sundowns – ekuhanbeni
Ephreli 28, v Chippa United – ekhaya
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA