Izophinda neWydad iChiefs egweme esikaPitso kwiChampions League

ULebogang Manyama
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Izobhekana neqembu elayifikisa ngenduku kwiCAF Champions League emdlalweni owandulela owamanqamu iKaizer Chiefs. Amakhosi aqhathwe neWydad Athletic esigabeni esandulela amanqamu kulo mqhudelwano omkhulukazi.

Leli qembu laseMorocco layibhaxabula ngo 4-0 iChiefs emdlalweni wesigaba samaqoqo. Lo mdlalo wawudlalelwe eBurkina Faso ngenxa yokuthi Amakhosi ayenqatsheliwe ukuba angene eMorocco. Kwabekwa izaba zokuthi imithetho ebekelwe ukuqapha ukubhebhethela kweCovid-19 ayivumi.

Kwasuka isixakaxaka ngemuva kwalokhu njengoba kwavela sekusele usuku ukuba Amakhosi alibhekise kuleli zwe elisenhla ne-Afrika. Kwabukeka kuyindlela yokuxakazisa iChiefs ukuze iye emdlalweni imimoya seyonakele.

Emdlalweni wasekhaya Amakhosi asebenza kanzima ayishaya ngo 1-0 iWydad yize yayilethe iqembu elingaqinile. Futhi laliphelezelwa yiphini  lomqeqeshi. Kodwa kulokhu cishe iyofika ihlome iphelele.

Phela Amakhosi azikhombisile ukuthi yize enobuthaka bawo, kodwa ayalimaza. Uma like lavela ikhanda alishaya lophe njengoba ensile kwiSimba SC eyibukisa nomhlaba ngesibhaxu sika 4-0 ngempelasonto edlule ukuze azibekisele indawo kulesi sigaba asekuso manje.

Nakulesi sigaba leli qembu likaGavin Hunt lizoqala ekhaya njengoba lizovakashelwa yiWydad ngoJuni 18. Umdlalo womlenze wesibili ekuhambeni uyoba ngoJuni 25. Lokhu kuqala ekhaya kuhle ngoba kunika iChiefs ithuba lokusebenza kusakhanya.

Uma ingaphinde iwine ekhaya, iqinisekise ukuthi ayingenelwa goli, iyobe seyisethubeni elihle ekuhambeni. Kuyobe sekudingeka ukuthi izidlalele ngokulingana bese iya kowamanqamu. Nokho kuzodingeka izibambe ziqine kakhulu ngoba iWydad ilwa ngayo yonke indlela ukuqinisekisa ukuthi iyawina.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu, i-Al Ahly kaPitso Mosimane izobhekana ne-Esperance yaseTunisia. I-Ahly ikhiphe iMamelodi Sundowns kulo mqhudelwano, iyishaya ngo 3-1 sekuhlanganiswe imiphumela. Yona izoqala ekuhambeni eTunisia, igcine ekhaya.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *