Izophindiselela iBafana iSundowns eSudan

URulani Mokwena nenxusa lakuleli eSudan

MTHOKOZISI MNCUSENI
IMamelodi Sundowns izokwenza konke okusemandleni ukubuyisa isithunzi seNingizimu Afrika eSudan ngokuqinisekisa ukuthi iyawuwina umdlalo wayo kaGroup B weCAF Champions League ne-Al Hilal.
ISundowns, esivele izibekisele indawo esigabeni esilandelayo ngokunqoba leli qoqo kusasele imidlalo emibili, iseSudan lapho iBafana Bafana ibiye imisila seyingaphansi kwemilenze kuhle kwenja ebanjwe idla amaqanda kwamakhelwane.
IBafana ihlulekile ukuzifaka kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ezokuba seCameroon ngokushaywa iSudan singekho isidingo.
Ngokusho komqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, lo mdlalo umqoka kakhulu kubo ngoba ubanika ithuba lokubuyisa isithunzi sebhola laseNingizimu Afrika.
“Umqoka kakhulu lo mdlalo uma uzokhumbula ukuthi kwenzekeni eqenjini lesizwe ezinsukwini ezimbalwa ezidlule. Sishayekile njengezwe elizifelayo ngonobhutshuzwayo futhi ukuzethemba kwethu kuphansi ngenxa yomphumela otholwe yiBafana ngeSonto.
“Siyazi ukuthi (umphumela weBafana) usehlise kanjani umoya njengezwe elikholwa ukuthi lifanelwe ukuba kuyo yonke imiqhudelwano emikhulu. I-Al Hilal yiyona vele okubunjwe ngayo iSudan.
“Siphatheke kabi ngokwenziwe iSudan kithi. Sinethuba lokuzibuyisa nokho izinduku. Leli yithuba lethu lokubuyisa ukuzethemba kwezwe. Kusemqoka ukuthi sibakhumbuze (la eSudan) ukuthi ibhola yinto yethu eMzansi.
“Okukhulu kunakho konke ukuthi siqhubeke nokukhombisa ukuthi iSundowns iyiqembu elibalwa nangcono kulona lonke izwekazi i-Afrika. Konke lokhu sesikwenzile (ukuzicija ngokomqondo ukuthi sizoziphindiselela la). Ima sizoqala izinhlelo ngokuthi sizodlala kanjani.
“Kubi okwenzeke eqenjini lesizwe ngakho uma sithola ithuba elikanje lokubyisa izinduku, nakanjani kubalulekile ukuthi silisebenzise,” kusho uMokwena sakusonga.
UThemba Zwane, Lebohang Maboe, Mosa Lebusa, Thapelo Morena no-Andile Jali bonke abebekuleli qembu lesizwe eliphoxwe eSudan ngeSonto ababuyanga kepha sebehlangene nozakwabo abafike eSudan ngoLwesibili.
Kuvele ukuthi umdlalo ngeke usadlalelwa lapho bekudlalela khona iBafana ngenxa yezinkinga zikagesi.
Lo mqeqeshi uthe ngalokhu: “Akukho esingakwenza ngezinguquko ngoba sitshelwa iSafa okufanele sikwenze kodwa kucacile emdlalweni weBafana ukuthi inkundla ayikhanyi kahle ebusuku,” kusho uMokwena.
Uyakholelwa lo mqeqeshi ekutheni banawo amava okunqoba lapha kodwa konke lokho kulele ekutheni abadlali bakusiphi isimo.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.