Izoqapha kakhulu iSundowns kwiMaritzburg ‘eyingozi’

URulani Mokwena

OKADONGA GUMBI

Ubazi kahle ubuchule buka-Ernst Middendorp uRulani Mokwena, futhi yingakho bezolindela noma yini lo mqeqeshi azoqhamuka nayo uma amaqembu abo esebhekene emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ntambama.

IMamelodi Sundowns neMaritzburg United bazobanga amaphuzu amathathu eLoftus Versfeld, kanti kuzobe kuzinkani zababili njengoba neBlue Hearts isefomini enhle kulezi zinsuku.

EzikaMiddendorp ziwadinga kakhulu amaphuzu njengoba zingakaphumi odakeni lwezembe, futhi zizobe zifuna ukungalahlekelwa wumgqigqo wazo.

“UMiddendorp akuyena umqeqeshi ongaqagela ukuthi uzomisa kanjani, futhi ulilungiselela ngokucophelela nangokuqaphelisisa yonke into iqembu lakhe,” kusho uMokwena.

“Kungenzeka noma yini ngasekuqaleni komdlalo, kungaba ngokokuhleleka, indlela yokudlala noma abadlali abashintshwe indawo abadlala kuyo…

“UMiddendorp ngumqeqeshi okwaziyo ukujika amaqhinga akhe ngokubheka umdlalo azowudlala,” kuqhuba uMokwena.

Ukuwina kweSundowns kuzoyiqhelisa ngamaphuzu amane kuMaZulu FC ayixine kabi embangweni wesicoco seligi.

IMaritzburg nayo izofaka ibambana phakathi kwayo nezembe uma ingagila izimanga, ibe yiqembu lesibili ukushaya iSundowns kwiligi.

Yingakho uMokwena nozakwabo alolonga nabo aMasandawana beyicubungulisile iBlue Hearts ukuze bangazitholi sebexakeka enkundleni.

“Banendlela ecacile abacindezela ngayo phambili, sikubonile lokho bebhekene neSwalows ne(Orlando) Pirates.

“O(Bongokuhle) Hlongwane noJose Ali Meza, yize elimele, yibo abazihola phambili (uma kuhlaselwa).

“Kukhona nengozi eqhamuka no(Thabiso) Kutumela, odlala njengomgadli wesibili, bese bezama ukwakha uhlaka lwababili lokuhlasela,” kuchaza uMokwena.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.