Izosifica siyilungele iDowns – oweTS Galaxy

ULindokuhle Mbatha
Sihle Ndlovu

Umdlali onamava weTS Galaxy, uLindokuhle Mbatha, uthi izofika zibekwe zashiywa iMamelodi Sundowns abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku.

IRockets izokwamukela Abafana Ba-Style eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. Leli qembu likaSean Ramovic’ liyalwa kulezi zinsuku njengoba lizama ukubalekela izembe.

“ISundowns yiqembu elikhulu, abekho kuyimanje badlala imidlalo yeCAF. Kodwa uma bebuya kuzobe kufana, njengaMaZulu nawo adlala imidlalo yeCAF,” kusho uMbatha.

“Bahlale bezilungiselele ngayo yonke indlela. Ngiyethemba ukuthi uma sihlangana nabo ngoLwesithathu nathi siyobe sizilungiselele.

“Bafike ngesikhathi esihle nathi silokhu siwina. Siwinile imidlalo emibili sadlala ngokulingana kowodwa, ngiyajabula ukuthi njalo uma singena enkundleni sisuke sizimisele kakhulu.”

IGalaxy iqale yamangaza iKaizer Chiefs eyishaye ngo 1-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32. Ngemuva kwalokho idlulele kwiSwallows FC yayishaya ngo 1-0 kowePremiership.

Emdlalweni wokugcina iRockets ibambane noSuthu ngo 0-0 koweligi eThekwini.

“Kuyabonakala ukuthi imiphumela iyeza ngamandla kule midlalo ezayo. Sizilungiselele kahle kakhulu ngoJanuwari yikho sithola imiphumela emihle,” kusho uMbatha.

“Wonke umuntu uyazinikela futhi wonke umuntu okhona eqenjini uzimisele kakhulu. Kumele sisebenze ngamandla uma sesibhekene neSundowns njengoba senzile kwiChiefs.”

UMbatha ushaye into ecokeme emidlalweni emithathu edlule kanti uthe “ukuzinikela nokufuna ukwenza kahle yikona okuwukhiye.”

ISundowns izozama ukuwina ngemuva kokulahla amaphuzu ibambana neBaroka FC ngo 1-1 emdlalweni odlule.

Ngakolunye uhlangothi ukuwina kweRockets kuzokwenza ukuthi iqhubeke nokubalekela izembe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.