Izovezwa bukhoma kwiSuperSport impi kaThe Rock noTishchenko

UThabiso 'The Rock' Mchunu

SIHLE NDLOVU

Isikhathi sesidliwe yinja, iwashi alimile liyancinciza, libala imizuzwana, kuhambe imuzuzu bese aveneneze namahora, ejahe kuyona impelasonto ehambisana nokuphela kwenyanga kwabaningi abatohozayo.

KuThabiso “The Rock” Mchunu, ongumshayisibhakela wakuleli, lokhu kusho ukusondela kosuku olukhulu akade alilindela, kusukela kuqala unyaka. Lo mshayisibhakela waseMgungundlovu useRussia lapho ezotholana khona phezulu no-Evgeny Tishchenko, empini yokuhlunga yeWBC ebalulekile e-Ekaterinburg. Le mpi izokuba ngoMgqibelo kanti iSuperSport Variety 3 isiqinisekisile ukuthi izoyethula bukhoma kusukela ngo-7.40 ebusuku.

Impempe.com iyaxhumana nenxele eliwuMchunu selokhu lifulathele iNingizimu Afrika ngoLwesihlanu olwedlule. Uma ebuzwa ukuthi usemi ngomumo yini uMchunu ukuthi angene eringini uvele ahleke kancane bese aphendule athi: “Ngiyilungele impi futhi ngiwumqemane ngayo yonke indlela, angiguli ndawo.”

Empeleni impempe.com ike yalumana indlebe noMchunu ngenyanga edlule ngesikhathi kuqinisekiswa ukuthi uzoya kolwa eRussia. Uzwakale evele esekulungele ukuyolwa noTishchenko, owawina indondo yegolide kuma-Olympic Games, eRio, eBrazil, ngo-2016.

“Noma kungathiwa asilwe ngesonto elizayo anginayo nencane inkinga ngoba kade ngaqala ukulungisela le mpi. ERussia abafani namanye amazwe, bakutshela kusenesikhathi mayelana nempi osuke uzoyilwa. Ngakho ngikulungele ukubhekana noTishchenko futhi angiboni nje ezonginika inkinga,” wacashuwa¬† esho kanje uMchunu ngokuzethemba.

UMchunu wagcina ukulwa ngo-2019 ngesikhathi eshaya uDenis Lebedev khona belu eRussia. Lo mshayisibhakela osekuphele iminyaka engu-14 yonke eshaya isibhakela akungatshwazwa ukuthi unamava angcono uma eqhathaniswa noTishchenko, osalwe izimpi eziyisishiyagalolunye kuphela.

“Ngifuna ukumkhombisa olunye uhlangothi lwesibhakela, ukuthi lokhu asekubonile kuncane. Mina sengibone izinto eziningi kabi. Ngimthathe ngimfake kuleso simo ngibone ukuthi uzokwazi yini ukuphefumula uma elapho. Ngimfake kuleso simo ngoba sengihlangane nezigemegeme eziningi kabi esibhakeleni ngakho lokho kuzongisiza kakhulu. Impi ngiyethembisa ukuthi ngizoyiwina ngamalengiso,” amanye amazwi kaMchunu lawa uma ekhuluma ngempi yangoMgqibelo.

NgoLwesihlanu kuzoba nesithangami nabezindaba bese kuba nokukalwa kwabashayisibhakela isisindo. NgoMgqibelo kuzobe sekuyikho lokho, seziqhuthana eringini.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.