Izovivinywa ngemidlalo enzima i-Arrows

Abadlali beGolden Arrows

MTHOKOZISI MNCUSENI
Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi unesifiso sokuthi abadlali bakhe bangazixaki ngamagama amaqembu abazobhekana nawo kusukela manje kwazise anzima futhi azolandelana eduze.
UNcikazi ukusho lokhu ngoMgqibelo eqeda kucazelana ngamaphuzu neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership obuseClermont.
Ubungalindela ukuthi lo mqeqeshi akhahlele konke okuphambi kwakhe ngoba edinwa yilo mphumela uma uwabone kahle amathuba alula i-Arrows ewayekile.
Uma uzokhumbula ukuthi iCape Town City ibe yiqembu lokuqala ukushaya i-Arrows kule sizini ungazitshela ukuthi uNcikazi ubengeke alindele lutho ngaphandle kwewini.
“Ngiyalamukela iphuzu kulo mdlalo futhi ngiyalijabulela uma uzobheka imdlalo ezayo. Abafana bakwenze konke ebengikudinga kubo yize kunamathuba engicabanga ukuthi abelula obekufanele bawasebenzise kodwa kwangenzeka lokho.
“Sidlale kahle futhi akufanele sikhohlwe ukuthi sisakha la. Badlale kahle abafana bazinikela ngakho konke. Kwesinye isikhathi umona wamaphuzu awufuneki,” usho kanje uNcikazi.
I-Arrows inemidlalo enzima emihlanu elandelayo okuyiyona uNcikazi asebheke lukhulu kuyo.
Kusukela manje kuze kube inyanga ezayo i-Arrows izovakashela iSwallows FC, SuperSport United, Chippa United neMamelodi Sundowns.
Yonke le midlalo inzima futhi inamaqembu akhona kumbe alunguzile embangweni wesicoco.
Ngaphandle kwale eyasekuhambeni, leli qembu elilokhu liqhubekile ukumangaza lizokwamukela iBloemfontein Celtic. UMeyi wona i-Arrows izowuvula ngomunye onzima naMaZulu ekhaya ulandelwe oweMaritzburg United wona osekuhambeni.
“Ngiyalamukela leli phuzu ngoba imidlalo elandelayo kulapho sizobhekana khona nobunzima. Kukhona iSwallows, Celtic kukhona neSundowns ngakho uma ubuka leli yiqoqo le midlalo enzima.
“Vele ayikho imidlalo elula kule ligi. Ngiyabethemba abadlali bami. Nginesifiso sokuthi abadlali bami bangazikhathazi ngegama le qembu esibhekene nalo kepha babheke esingakwenza ngalaba esinabo enkundleni ukuqoqa amaphuzu.
“Ngijabule ngendlela eyisimanga ngaleli phuzu esilithole namuhla,” kusho uNcikazi.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *