Izowakhipha wonke amangwevu iDowns Ladies kwiRivers Angels

Izowakhipha wonke amangwevu iDowns Ladies kwiRivers Angels
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

IMamelodi Sundowns Ladies inomdlalo onzima kwiCAF Women’s Champions League, njengoba izobhekana neRivers Angels yaseNigeria ngoLwesibili ntambama.

Iqembu lakuleli liyivule kahle imidlalo yeCAF ngokuguqisa iVihiga Queens yaseKenya ngo 1-0 emdlalweni walo wokuqala kuGroup B.

Nokho IBanyana Ba Style kuzomele izibambe ziqine uma isibhekene neRivers Angel engelinye lamaqembu ayizimfivilithi kulo mqhudelwano.

Umqeqeshi weSundowns uJerry Tshabalala wazi kahle ukuthi ngeke kube lula ukudlula kwi-Angels njengoba kungabanga lula ukushaya iQueens emdlalweni wokuqala.

“Umdlalo wakusasa (ngoLwesibili) uzobe umkhulu kakhulu ngoba uzocacisa okuningi ngeqembu lethu.

“Sazi kahle ukuthi kwenzekeni ngokwedlule futhi siyazi ukuthi iRivers Angels iyiqembu elihle.

“Baqine kakhulu ngokwezikhwepha kodwa sikulungele ukudlala nabo,” kusho uTshabalala.

“Siyazi ukuthi kumele sithole amaphuzu amathathu, kanti nabo bayawadinga amaphuzu amathathu.

“Ngicabanga ukuthi umdlalo uzovuleleka angiboni ukuthi bazohlala emuva.

“Lokhu kuzokwenza kube umdlalo wabesimame omuhle kunayo yonke esake sayibona kuleli zwekazi.”

Ukaputeni weSundowns Ladies uNonhlanhla Mthandi uvumile ukuthi izinga liphakeme kakhulu kule midlalo ngakho kumele bazibambe ziqine.

“Bekubalulekile kithina ukuthi sithole amaphuzu amathathu emdlalweni wokuqala.

“Umqeqeshi wethu usitshele ukuthi sidlale ngokuzimisela, okuyinto esiyenzile sathola amaphuzu amathathu.

“Bekungelula neze njengoba siwine ngo 1-0 kanti sesijwayele ukuwina ngamagoli amaningi.

“Lona umqhudelwano omkhulu kakhulu ngakho siyajabula ngendlela izinto ezisebenzeke ngayo,” kubeka uMthandi.

FUNDA NALA: Usale ebakaza uMasutha eshaywe ngebhola lasemoyeni

Ngemuva komdlalo wangoLwesibili iSundowns Ladies izobhekana ne-ASFAR yaseMorocco ngoLwesihlanu.

Lona ngomunye umdlalo okubhekeke ukuthi udle ngokushuba.

Mabili amaqembu azodlulela phambili kuGruop A no-B bese eyodlala imidlalo eyandulela owamanqamu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *