Izozithola igaxele ebhobeni iSharks ima iyithathe kancane iGriquas

Izozithola igaxele ebhobeni iSharks ima iyithathe kancane iGriquas
UNtuthuko Mchunu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ICell C Sharks kumele igawule ibheke uma isibhekene neTafel Lager Griquas emdlalweni weCarling Currie Cup eJonsson Kings Park, ngoMgqibelo ntambama.

IGriquas imangaze abaningi kule sizini njengoba isishaye iSigma Lions neDHL Western Province, okungamaqembu athathwa njengamakhulu kwiCurrie Cup.

Lokhu kuwenza ahlale endaweni yesithathu kwilogi yeCurrie Cup. IGriquas ivamise ukuba wukudla kwenduku kulo mqhudelwano kodwa kulokhu kubukeka sengathi likhathele yilokho.

UNtuthuko Mchunu weSharks uxwayise ozakwabo ngokuthi bangalinge bazithele ngabandayo uma sebebhekene neGriquas ngoMgqibelo.

“Sizilungiselele kahle kakhulu kuleli sonto. Kusigquqguzele kakhulu ukuwina sibhekene neCheetahs,” kusho uMchunu.

ISharks iyona ewine umdlalo womlenze wokuqala ngo 30-16 eKimberly. Nokho uMchunu uyazi ukuthi kumele baqine kakhulu kulokhu ngoba iGriquas isishintshe amagiya.

“Banzima kakhulu, badlala ngokuzigqaja futhi banabadlali abanamava kakhulu eqenjini labo. Silindele umdlalo onzima siyazi ukuthi bazoza kithi ikakhulukazi ngezikhathi ze-scrum nama-lineout.

“Basadlale kahle kuze kube yimanje. Basendaweni yesithathu futhi bahamba kahle ngemuva kokushaya amaqembu amabili amakhulu. Lokhu kuzobakhuthaza kakhulu,” kubeka uMchunu.

FUNDA NALA: ICape Town City ayizosinisa mahleza kulokhu, ifuna indebe la

Umqeqeshi weSharks uSean Everitt akalishintshanga kakhulu iqembu elidlale kahle neCheetahs. Ufake uLourens Adriaanse endaweni kaKhutha Mchunu, kanti uMpilo Gumede ungene endaweni kaDylan Richardson.

Emuva uSanele Nohamba ungene endaweni kaGrant Williams, kwathi uMurray Koster wathatha indawo kaMauris Louw olimele. UYaw Penxe uzodlala endaweni kaMarnus Potgieter ophondweni.

ISharks iyona ezihola phambili kwilogi kanti ukuwina ngoMgqibelo kuzosho ukuthi iyazinza esicongweni.

Imidlalo yeCurrie Cup:

NgoLwesihlanu: Sigma Lions v New Nation Pumas (Emirates Airlines Park, 4.45pm); DHL Western Province v Vodacom Bulls (DHL Stadium, 7pm)

NgoMgqibelo: Cell C Sharks v Tafel Lager Griquas (Jonsson Kings Park, 2.30pm)

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.