Kazi kuzobe kuhleli bani ebhentshini leSwallows kowePremiership ngoLwesibili

UMusa Nyatama weSwallows FC
Sihle Ndlovu

Umbuzo omkhulu owokuthi ubani ozobe ehleli ebhentshini uma iSwallows FC seyitholana phezulu neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership ngoLwisibili.

Umdlalo useDobsonville Stadium ngo-5 ntambama kanti iZinyoni zizozama ukubuyisa amandla okundiza kulandela ukunqundwa izimpiko yi-Orlando Pirates ezishaye ngo 1-0 ngempelasonto.

Kulo mdlalo kubonakale uMusa Manyama (ongumdlali) ebhentshini, kwavela ukuthi uDylan Kerr ubenganawo amaphepha amvumela ukuthi asebenze kuleli. Kuthiwa iPirates iwafunile la maphepha ngaphambi komdlalo awangatholakala kwiSwallows, yaphoqeka ukuthi isuse uKerr ebhentshini. UFani Madide yena kuvela ukuthi akaziwa nokuthi ukuphi yize kunguyena oyiphini likaKerr.

Okwenzeka kwiSwallows njengamanje kuwubuhlathi obuyisimanga futhi kungaba nomthelela omkhulu ekutheni igcine idliwa yizembe ekupheleni kwesizini. Leli qembi lisinde ngokulambisa ekudliweni yizembe njengoba lijike emidlalweni yokuhlunga lapho liwine khona umdlalo wokugcina libhekene ne-University of Pretoria.

Ephawula ngemuva komdlalo uNyatama uthe: “Ngisengumdlali, sishoda ngethimba labaqeqeshi ngakho ngelekelela umqeqeshi uDylan (Kerr).”

IZinyoni azidlalanga kabi neze zibhekene nePirates, futhi uManyama ngeke asolwe uma ecabanga ukuthi bekufanele babuye nephuzu okungasenani. Kubukeke sengathi iSwallows ibanjelwe iphenathi ngasemizuzwini yokugcina.

Ngasohlangothini lweCitizens akungabazeki ukuthi izozama ukuvuka izithuntuthe kulandela ukuthelwa othulini ompetha iMamelodi Sundowns eyishaye ngo 2-0 ngoLwesihlanu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *