Khohlwani MaZulu, akayi ndawo uFohloza

Khohlwani MaZulu, akayi ndawo uFohloza
URomain Folz oqeqesha AmaZulu FC

 

Abalandeli baMaZulu FC asebeshaya amakhala ngomqeqeshi uRomain “uFohloza” Folz, kuzomele baphole kancane ngoba akayi ndawo.

Lokhu kuqinisekiswe ongumxhumanisi woSuthu nabezindaba, uBrilliant Mkhathini, ngesikhathi ebuzwa yiMpempe ukuthi liphephe kangakanani ikusasa lalo mqeqeshi.

Impempe itshelwe ukuthi usendleleni lo mqeqeshi oke wayibamba kwiMarumo Galants imidlalo embalwa kodwa wakuchitha lokho uMkhathini.

“Yinto engekho nhlobo leyo. Kunala makhasi agcwele kwiFacebook lapho abalandeli bebhala noma yini abayithandayo,” kusho uMkhathini ngoLwesithathu.

“Bayabhala nje noma yini abanye bazibiza ngePSL. I-PSL ayisoze isho into enjalo singakasho lutho thina njengeqembu.

“Umqeqeshi usaphumulile nabadlali bazoze babuye ngoNovemba 8 sebezolungiselela umdlalo olandelayo.”

Izinto azihambi kahle kuFolz selokhu efikile kuMaZulu ezovala isikhala esivuleke ngokuhamba kukaBrandon Truter.

Emidlalweni engu-13 yeDStv Premiership Usuthu lusawine emine lwadlala ngokulingana emihlanu lwase lushaywa kweminye.

FUNDA NALA: UDlangalala uthi abanasmanga abadlali bokufika abakwiPSL

UFohloza yena usawine owodwa kuphela yena lapho beshaye khona iStellenbosch FC ngo 1-0.

Ngemuva kwalokho izinto azihambanga kahle njengoba beshaywe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kowamanqamu weMTN8.

Ngempelasonto edlule bathelwa othulini yiMamelodi Sundowns ngo 3-0 kwiCarling Cup eFNB Stadium.

Konke lokhu kwenze abanye abalandeli bashaya amakhala ngamava kaFohloza oneminyaka engu-32.

AmaZulu azobhekana neSekhukhune United koweligi ePeter Mokaba Stadium ngoDisemba 31.

Lona kuyoba ngumdlalo ozoheha kwazise iSekhukhune sisanda kuqasha uTruter olaxazwe wuSuthu ngoba luthi akalusizi ngalutho.

Cishe lo mqeqeshi uzobe efuna ukuwavezela ukuthi asheshe adikila AmaZulu ngesikhathi emkhomba isango.

– Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *