Isikhulu sePirates sichitha ekaKomphela kuleli qembu

Isikhulu sePirates sichitha Komphela kuleli qembu
UFloyd Mbele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Cishe enye yezinto ezibhekwe kakhulu ebholeni lakuleli kulezi zinsuku wukuthi i-Orlando Pirates izomethula nini uSteve Komphela njengomqeqeshi omusha waleli qembu.

Sekunesikhathi uKomphela emataniswa naleli qembu laseSoweto kanti izinsolo zokuthi uya kulo ziqine kakhulu ngesikhathi liqasha uMandla Ncikazi ngeviki elidlule.

Ngesikhathi iqinisekisa ukuthi seyimqashile uNcikazi, iPirates ayizange isicacise isikhundla awashelwe sona. Kwathiwa nje ujoyina ithimba lokuqeqesha kuleli qembu.

UNcikazi washiya isigubhukane kwiGolden Arrows abeyipheka ngesizini edlule. Impempe yasheshe yathola futhi yabika ukuthi uya kwiPirates la ezohlangana khona noKomphela.

Impempe yathola ukuthi leli thimba lizokwakhiwa nguye uNcikazi, Komphela noFadlu Davids. Nokho isikhulu sePirates, uFloyd Mbele uzichithile lezi zindaba kuleli viki.

UMbele uthe bona basenaye umqeqeshi futhi ngeke baqashe omunye ekhona. IPirates iqeqeshwa nguJosef Zinnbauer okuthiwa izinsuku zakhe sezibaliwe kuleli qembu.

“Sinaye umqeqeshi. Angazi ukuthi lawo amahlebezi aphumaphi,” ucashunwe esho kanje uMbele yiDaily Sun. “Asikaze siqashe umqeqeshi kube kusekhona okhona esikhundleni.”

Impempe ike yabika phambilini ukuthi into esivimbile ngokuqashwa kukaKomphela wukuthi unenkontileka neMamelodi Sundowns okungelula ukuphuma kuyo.

Nokho lamaqembu asaxoxisana futhi kungenzeka adedelwe maduze nje uKomphela kulo msebenzi wakhe. Impempe ithole ukuthi naye usevele ucelile ukukhululwa ngoba ebona leli thuba lokubuyela ekubeni ngumqeqeshi.

KwiSundowns unikwe esikhundla sokuba ngumqeqeshi omdala (senior coach). Usebenzisana noRulani Mokwena noManqoba Mngqithi abangabaqeqeshi ngokubambisana.

Ngokuthola kwethu uKomphela uzomenyezelwa ngasekuqaleni kwenyanga ezayo uma iPirates seyibuyela ejimini ukulungiselela isizini entsha.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.