Konke odinga ukukwazi nge-Uefa Champions League esingena kuvuthondaba

Umbhali weMpempe
UKUPHUMA kweManchester United lapho kunoju khona kwi-Uefa Champions League kuzitolika ngokuthi asesele kwiChelsea, Manchester City neLiverpool amathemba eligi ethathwa njengenkulu kunawo wonke emahlabeni, i-English Premiership, kulo mqhudelwano omkhulukazi.
Ukuphuma kweMan U kuthusile nokho ngoba ibiqale kahle emidlalweni yamaqoqo kodwa kwacaca ukuthi usemkhulu umsebenzi ohlalele amaRed Devils asezozama inhlanhla kwi-Uefa Europa League.
Iligi yase-England ithathwa njengenye yamakhulu e-Europe okwenza ukuthi amaqembu akhona ahlale ebhekwe njalo ukuthi ahambe ibanga elide.
Njengoba sezingena kwi-last 16 yalo mqhudelwano, iMpempe ikucacisela ngayo yonke imininingwane ozoyidinga kwazise iChamps League isingena kuvuthondaba.
Inini i-draw?
Izokuba ngoMsombuluko zingu-14 kuDisemba ngo-12 emini ekomkhulu le-UEFA eNyon, eSwitzerland… izoba bukhoma ezinkundleni zokuxhumana (live streaming).
Yimaphi amaqembu asele kwi-last 16?
Amaqembu angu-8 anqobe amaqoqo ngeke aqhathwe wodwa kepha azobhekana nalawa alale isibili emaqoqweni ngokwahlukana.
 Amaqembu anqobe amaqoqo:
 Bayern Munich (Germany, Group A)
Real Madrid (Spain, Group B)
Manchester City (England, Group C)
Liverpool (England, Group D)
Chelsea (England, Group E)
Borussia Dortmund (Germany, Group F)
Juventus (Italy, Group G)
Paris Saint Germain (France, Group H)
Alale isibili emaqoqweni:
 Atletico (Spain, Group A)
Borussia Monchengladbach (Germany, Group B)
FC Porto (Portugal, Group C)
Atalanta (Italy, Group D)
Sevilla (Spain, Group E)
Lazio (Italy, Group F)
Barcelona (Spain, Group G)
Leipzig (Germany, Group H)
Isebenza kanjani i-draw ye-last 16?
 *Amaqembu adle amaqoqo azowudlalela ekhaya owomlenze wesibili.
*Ngeke aqhathwe amaqembu abeseqoqweni elilodwa kanjalo nalawo aqhamuka kusoseshini ofanayo.
*Ikhona eminye imithetho ezobekwa uma sekusondele i-draw ethinta iCovid 19 namazwe okunezimpi zombusazwe kuwona.
 Idlala nimi yona le midlalo?
Eyemilenze yokuqala kwi-last 16 yeChampions League izoba ngo-16/17 no-23/24 kuFebhuwari 2021.
Eyemilenze yesibili ibe ngo-9/10 no-16/17 kuMashi 2021.

Leave a Reply

Your email address will not be published.