Kubanjwe abangaphezu kuka-7 000 namathikithi omgunyathi

Kubanjwe abangaphezu kuka-7 000 namathikithi omgunyathi

 

Sekuvele ukuthi kubanjwe inqwaba yabantu abebefika namathikithi omgunyathi bezozama ukubuka umdlalo womkhaya baseSoweto muva nje. 

Lo mdlalo bewungo-Okthoba 29 eFNB Stadium kanti ezokuphepha zaziqinisiwe ukugada zona izigilamkhuba. 

Ngokusho kukaBertie Grobler oyisikhulu senkampani eyengamele izinkundla ezifana neFNB iStadium Management South Africa, labo galakajane abasenathuba. 

“Cishe baba la ko-7 200 abantu abatholakala ukuthi baphethe amathikithi angumgunyathi njengoba ayengakwazi ukuvula uma sekumele bangene emasangweni enkundla. 

“Kodwa ke akubona bonke ababejikiswa wukuthi amathikithi abo angumgunyathi,” kuchaza uGrobler. 

“Abanye kwakuba wukuthi kunenkinga kodwa uma seliyohlolisiswa kutholakale ukuthi lona liwungqo bese beyasizwa ke ngendlela efanele. 

“Kodwa bakhona abanye ababanjwa nawomgunyqthi futhi baboshwa ngalokho. Abanye baboshelwa ukuwadayisa ngaphandle kwenkundla lamathikithi.” 

Ube esexwayisa abalandeli ukuthi njengoba bezotheleka eFNB Stadium nje ngoMgqibelo bezobuka imidlalo yeCarling Cup bengalinge bathenge amathikithi kubantu. 

“Omunye usisi wafika wazobika omunye omdayisele ithikithi leli lokuphisana kanti sisamlandela lowo ukuze aboshwe. 

“Nalaba abanye sizolandelela siqinisekise ukuthi bagcina begwetshiwe ngoba lokhu abakwenzayo kuphambene nomthetho.” 

FUNDA NALA: OwoSuthu ufuna ukubhodlela kwiSundowns, athobe izinhliziyo zabalandeli

Uthe amathiki ale midlalo asatholakala njengoba ngoLwesibili ekuseni bekusadayiswe angaphezu kancane kuka-52 000. 

Atholakala kwi-website yeTicket Master (www.ticketmaster.co.za) noma kwaComputicket etholakala ezitolo zakwaShoprite neCheckers. 

Kule midlalo amasango azovulwa ngo-7 ekuseni ngoMgqibelo. Umdlalo wokuqala uzoqala ngo-9.30 ekuseni. 

Kuwo kuzobe kugadulisana AmaZulu FC neMamelodi Sundowns bese kuthi ngo-12 kube ngoweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *