Kubanjwe umoya ngomdlalo wamaBhokobhoko neLions

Kubanjwe umoya ngomdlalo wamaBhokobhoko neLions
USiya Kolisi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kubhekwe ngabomvu ukuthi iSouth African Rugby Union (Saru) izogcina ithathe siphi isinqumo ngohambo lweBritish and Irish Lions evele isiseNingizimu Afrika.

Lokhu kulandela ukutholakala negciwane iCoronavirus kukakaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, njengoba sekusele amasonto amabili iqembu lakuleli lidlale neLions.

Kwenzeka lokhu nje kusanda kubhuntsha umdlalo weTest  phakathi kweNingizimu Afrika neGeorgia obekumele ube ngoLwesihlanu e-Ellis Park Stadium, ngenxa yeCoronavirus.

Ekhempini yamaBhokobhoko bangu-12 abatholakale sebehaqwe yigciwane, kanti kwiGeorgia bane. Indlela okwenzeka ngayo izinto kubukeka kungase kuphazamiseke umdlalo wokuqala obhekwe ngabomvu phakathi kweNingizimu Afrika neLions ngoJulayi 24.

Bonke abadlali nezimenenja abatholakale beneCovid-19 ngeledlule, ngoMgqibelo batholakale bemsulwa. Lokhu kwenze ukuthi iqembu liqale ukuziqeqesha ngeSonto. Nokho kwabahlolwe ngesonto eledlule kuphinde kwaqhamuka abanye abaneCovid-19.

Kulabo badlali kukhona uKolisi, Dan du Preez, Ox Nche, Bongi Mbonambi, Scarra Ntubeni, noMakazole Mapimpi. Konke lokhu sekwenze umdlali weSharks uFez Mbatha ukuthi afakwe esikwatini ngoba abadlali ababili abadlala kwi-hooker baneCovid-19. NoLizo Gqoboka weBulls usebiziwe esikwatini ukuze kucushwe ngaye kwi-prop.

Ngeledlule abadlali abatholakale beneCovid-19 oLood de Jager, Marvin Orie, Frans Steyn, Handre Pollard noFrans Malherbe. Uma kukhulunywa ngokuhlala ngawedwana izinsuku eziyishumi, lokhu kuchaza ukuthi laba badlali kumele bagoye kuze kube umhlaka 16.

Nokho abadlali abakhokhelwayo kumele balandele eminye imithetho eqinile emayelana nokubuyela ekudlaleni, ngaphambi kokuthi bavunyelwe enkundleni. Le migomo ingase ithathe izinsuku ezingu-17.

FUNDA NALA: ULucas Radebe uhamba ne-England kowamanqamu kwi-Euro 2020

Uma amaBhokobhoko ephoqeleka ukuthi aye emdlalweni wawo ngaphandle kukaSteyn, Pollard, Malherbe, Kolisi, Mapimpi, Nche, Mbonambi noNtubeni kuzowalimaza kakhulu lokho.

Noma kungathiwa bayavunyelwa ukudlala ngemuva kokugonqa izinsuku eziyishumi kodwa laba badlali bazobe sebephuthelwe ukuziqeqesha neqembu izinsuku eziyishumi.

Lokhu akukuhle neze eqenjini elisadlale umdlalo owodwa kuphela kusukela ngoNovemba 2019, ngesikhathi bewina iNdebe yoMhlaba.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.