Kubaseke inhlansi yethemba ngeBafana ebesesiyidelile

Ithemba
IBafana Bafana
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Ngiyazi sibaningi esilahle ithemba ngeqembu lethu lesizwe ngemuva komdlalo wokuqala wokuhlungela ukuya kwiNdebe yoMhlaba esiwudlale neZimbabwe ngoLwesihlanu.

Umphumela walo mdlalo awungigculisanga neze kanjalo nebhola esilidlalile belingekho ezingeni.

Abadlali bethu esibathembile bangiphoxile ikakhlukazi uPercy Tau ngoba uyena umdlali esimthwele ngeqoma eqenjini lesizwe.

Ngibe sengizibuza ukuthi kodwa kungani silindele imilingo kuTau ngoba ubengadlali eqenjini lakhe laseNgilandi, iBrighton And Albion Hove ngaphambi kokuthi alandele umqeqeshi wakhe wakudala uPitso Mosimane eGibhithe kwi-Al Ahly.

Nakhona awukho umdlalo asewudlalile ngoba isizini ivaliwe. Ngemuva kwalo mdlalo kuvele kwangicacela nje ukuthi ngeke silibone elidlalayo uma sesibhekene neGhana ngoMsombuluko.

Kanti angibuzanga elangeni. Bangimangazile abafana bakithi, bangidlalela ibhola elihle ngokukhulu ukuzethemba lokhu.

Ngaphezu kwalokho bayishaya iGhana. Okuhle nje ukuthi leli qembu lakhiwe ngabadlali abancane abasafuna
ukuzibonakalisa eqenjini lesizwe.

Futhi basalambele ukwenza izinto ezinkulu ebholeni. Mina benginakho ukungamethembi umqeqeshi wethu uHugo Broos kodwa ngemuva komdlalo wangoMsombuluko sekuyabonakala ukuthi ukhona umlilo awuphembayo.

Angiwangabazi amava akhe njengomqeqeshi kodwa bekungacaci kahle ukuthi wenzani selokhu amenyezelwa njengomqeqeshi weBafana Bafana.

Indlela iseyinde yona kodwa lokhu esikubonile kubuyisa ithemba ngeBafana Bafana. Nakuba sihlezi phezulu okwamanje kuleli qoqo lethu asikwazi ukuqale sijabule ngoba miningi imidlalo esasihlalele.

Kumele sincome isinqumo sikaBroos sokuthembela kubafana abancane ngoba phela laba abadala sebahluleka bancama ukusijabulisa.

FUNDA NALA: Kunconywe abasunguli bezindondo eziklomelisa abesifazane kwezemidlalo

Nohlelo lwakhe lokudlala luyabonakala. Abadlali bayamethemba umqeqeshi nokuyinto ebalulekile. UTau uthole ukugxekwa okukhulu ngemuva komdlalo weZimbabwe.

Kodwa ukhombise okukhulu ukhula ngomqondo wavuka wazithatha. Ukhalo luselude kodwa izimpawu ezihle
siyazibona eqenjini lesizwe. Iyalokoza inhlansi encane yethemba.

UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma kuKhozi FM. AKubhala lapha ngumbono wakhe ongahlangene nabaqashi bakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published.