Kubatshazwa ikhono lendodana kaScara Ngobese kwiChiefs

Kubatshazwa ikhono lendodana kaScara Ngobese kwiChiefs
ULandile "Scara" Ngobese
Intatheli yeMpempe

Kuthiwa bangase bafikelwe yizinyembezi abalandeli beKaizer Chiefs uma sebebona indodana ka-Emmanuel “Scara” Ngobese ilishova kulo leli qembu.

UNgobese wayengomunye wabadlali abathandwayo kwiChiefs ngezikhathi zakhe ngenxa yomjiko wakhe obheke phambili nekhono lokushaya amagoli amahle.

Leli nxele elalingaconsi phansi kubalandeli phakathi kuka-2003 no-2005 lashona ngemuva kokugula isikhashana ngoMeyi 11 ka-2010.

Impempe seyihoshe ukuthi indodana yakhe, uLwandile Ngobese ingase ilivuse igama lakhe uma iqhubeka ngale ndlela eza ngayo.

FUNDA NALA: UJomo uthi ishisa kakhulu insimbi kwiChampionship kunakwiPremiership

“Usanda kusayinwa eqenjini lenkulisa leChiefs kanti ukhombisa ukuba sezingeni elihle. Umjiko naye unawo kanti udla nangejubane ke yena.

“Ufana noyise ngisho ebusweni kanti ngizwe kuthiwa kukhona ababefuna ukukhala bembona kwiChiefs bekhumbula uScara,” kusho umthombo weMpempe.

Kuthiwa le ntwana izonyuselwa eqenjini leDStv Diski Challenge maduze nje okuyila abalandeli bezobe sebekwazi khona ukuyibona.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.