Kube wumuzwa wentokozo uFrosler ethola indondo okokuqala

UReeve Frosler

MTHOKOZISI MNCUSENI
Akukhona nje ukuthi waqokwa njengoMdlali oVelele okokuqala okujabulisa uReeve Frosler weKaizer Chiefs, kodwa wukuthi lokhu kwenzeke emdlalweni onkhulukazi kuleli – owomkhaya baseSoweto bebhekene ne-Orlando Pirates.
UFrosler nguyena owahlonzwa njengomdlali owenza kahle kunabo bonke kulo mdlalo obungoMashi 21 eFNB Stadium nowanqotshwa Amakhosi ngo 1-0 wegoli likaSamir Nurkovic.
“Kuwumvuzo wokusebenza ngokuzikhandla kodwa okujabulisa kakhulu ukuthi ngithi ngiqala ukuqokwa sengingumdlali weChiefs, kwenzeke kwiSoweto Derby. Ngiyohlale ngikukhumbula lokhu,” kusho yena.
Kuningi okujabulisa lo mdlali owaqoqwa ngu-Ernst Middendorp eselahlwe ejimini yabafana abancane kwiBidvest Wits njengoba esazishaya isifuba ngokuthi usanda kushayela iChiefs igoli emdlalweni weligi ibhekene neSuperSport United.
“Akujwayelekile, cishe kwenzeka kanye emva kweside isikhathi (ukuthi akore). Ngathi uma ngothola ibhola ngathi awuthi ke ngizame, nempela layokhakathela enethini,” kuchaza yena.
Kwaba ngelihle igoli leli futhi labeka Amakhosi phambili kulo mdlalo owawuseFNB Stadium bgoFebhuwari 21, nokho ke abuye abhacaza ayiyeka yabuya iSuperSport yathola elokulinganisa umdlalo waphela zibambene.
Uzokwethemba ukuthi uzophinde abe nenhlanhla yelinye igoli uma sebebhekene neWydad Athletic emdlalweni wabo owandulela owokugcina eqoqweni labo kwiCAF Champions League ngoMgqibelo kusihlwa.
Uthe kumele bawasebenzise kangcono amathuba kulokhu kwazise badlala ngawo beshaywa emlenzeni wokuqala owawuseBurkina Faso.
“Siyazi ukuthi emdlalweni obuseBurkina Faso siwatholile amathuba kodwa sangawasebenzisa. Basishaye ngokuthi bona bathe uma bewathola awabo bawasebenzisa ngendlela.
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.