Kubekwe u-R200 million ukulungisa uMhlathuze Sports Complex

Kubekwe u-R200 million ukulungisa uMhlathuze Sports Complex
Imeya yaseKing Cetshwayo District Municipality uThami Ntuli
Sihle Ndlovu

Imeya yaseKing Cetshwayo District, uThami Ntuli, ithi ifuna bangasabheki emuva bathuthukise ezemidlalo kubo bonke omasipala abangaphansi kwayo – kuzoqalwa ngokulungisa uMhlathuze Sports Complex.

Usho lokhu ngesikhathi kunesiphihli somcimbi eMpangeni naseRichards Bay ngempelasonto, lapho bekukhona umjaho wamahhashi, ababukisa ngengqephu, abamodelayo abezithuthuthu nabaculi abehlukene.

“Sifuna ukuthi intsha yethu ingapheleli lapha kodwa ikwazi ukuthi ngezemidlalo iphumele ngaphandle,” kusho uNtuli.

“Kumele iqale khona lapha ezingeni lethu ukuthi ngezemidlalo ikwazi ukuhlomula. Sikhuthaza ezemidlalo ukuze bagweme izinto ezingeke zibayise phambili.”

Konke obekuhlelwe ngempleasonto kubukeke kuyimpumelelo kakhulu. Ihhashi eliphume phambili lithole u-R100 000.

“Sithi kojokhi nabo kumele bahlomule uma ihhashi lakhe liwinile. Njengoba sazi ukuthi ihhashi eliphume phambili lithola R100 000, umgibeli walo uzothola u-R10 000,” kuchaza uNtuli.

“Esihlose ukukwenza kule mikhandlu ukuthuthukisa intsha, ezokuvakasha kanjalo nomnotho wethu. Sifuna ukwakha amathuba emisebenzi, silekelele amabhizinisi akhona la endaweni.

FUNDA NALA: ICosmos izifake otalatiyeni ngobufakazi obuphekiwe ngeleHungry Lions

“Sifuna uMhlathuze uhlonishwe. Sibeke eceleni imali engaphezu kuka-R200 million ukuze kulungiswe inkundla (uMhlathuze Sports Complex) njengoba sekuneqembu iNatal Rich Boyz (iRichards Bay FC).

“Esikufisayo ukuthi inkundla yethu ikwazi ukusingatha noma umdlalo oseqophelweni eliphezulu kangakanani.”

Usihlalo weNatal Rich Boyz, uJomo Biyela, naye uyakugcizelela ukuthi bafuna ukudlalela imidlalo yabo eMhlathuze, hhayi eThekwini njengoba bekwenzeka ngesizini edlule.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.