KUBHEDILE! IChiefs ibuye nenduku yombangandlala kwiChampions League

UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kubhimbe ekugcineni kwiKaizer Chiefs ebuye ilambatha enqineni yayo yokuyozingela inkanyezi ehambisana nokuwina isicoco seCAF Champions League. IChiefs ihlazekile kowamanqamu ibhaxabulwa ngo 3-0 yi-Al Ahly emdlalweni wamanqamu eStade Mohammed V eCasablanca ngoMgqibelo ebusuku.

IChiefs iqale ngendlela ebeyilindelekile njengoba beyihleli emuva inyuka ngokuzumisa ukuyohlasela. Kodwa kulokhu beyinabo abadlali abathathu abahlezi bephambili belinde ukuhlasela. Emidlalweni edlule beyishiya uNurkovic yedwa.

Kodwa kulo mdlalo ubephelezelwa ngoHappy Mashiane noNjabulo Ngcobo. Beyizama ukunyuka kodwa iminyakazo yayo ingahlangani kahle. Buka nje ngoba umzamo wayo wokuqala obheke epalini uze waqhamuka ngomzuzu ka-16.

UWillard Katsande uphase ibhola elide wathola uMashiane kwesokunxele, wabe eselibeka phambi kukaNurkovic obe esededela ishodi kodwa walivimba uMOhammed El-Shanawy.

Ngomzuzu ka-28, i-Al Ahly ikahlele iphenathi ngemuva kokuthi uMohamed Sherif ewiswe ebhokisini kodwa unompempe wayichitha, wathi ibhola alibekwe phansi kube eleChiefs. Lokhu bekungenxa yokuthi ulithinte ngesandla u-Elsayed ngaphambi kokuwa.

Izinto zivele zabhimba kwiChiefs sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini uMashiane ekhishwa ngekhadi elibomvu. Lokhu bekulandela ukuthi edlalise kabi u-Akram Tawfik kungenasidingo.

Unompempe uqale wamxayisa ngekhadi eliphuzi, kodwa ngemuva kokucubungula lesi sehlakalo kwiVAR, wasijika wamnika elibomvu. Lokhu kuqanise kakhulu izinto kwiChiefs ebivele ithwele idombolo lishisa.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, uStuart Baxter wenze uguquko ekhipha uNkosingiphile Ngcobo efaka uKhama Billiat endaweni yakhe. UNgcobo ubumsinda lo mdlalo esiwombeni sokuqala,

Izinto ziqhubekile nokubhimba kuMakhosi ngomzuzu ka-52 ngesikhathi uTawfik ekhipha uSherif embekela ibhola elimkhomba kuDaniel Akpeyi. Uvele waligubha waleqisa ku-Akpeyo obesephumile ezozama ukumvimba, lakhala enethini.

FUNDA NALA: UMicho ukhonjwe afika ngayo kwiZambia kulandela ukubhacaza kwiCosafa Cup

Ngomzuzu ka-64, uMohamed Afsha uyinembe ingozi engeqiwa ntwala iChiefs eshaya igoli lesibili elicacisile ukuthi indebe iya ngaphi. Leli goli liyiqede umoya iChiefs njengoba ngisho uBaxter ebonakale efihla ubuso ngezandla ekubeni uvamise ukungakhombisi noma sekusinda.

Elesithathu lingene ngomzuzu ka-74 lishaywa u-Amr El Solia. Naye ubeqedela umnyakazo omuhle futhi osheshayo we-Al Ahly. Kuke kwamiwa nokho unompempe esaqinisekisa ukuthi alibize emlotheni ngampela yini ibhola.

I-Al Ahly beyisiwina okweshumi lesi sicoco kanti umqeqeshi wayo, uPitso Mosimane yena ibesiwina ihlandla lesithathu. Wayiwina neMamelodi Sundowns ngo-2016, kanti uyiphinde nayo i-Al Ahly ngesizini edlule njengoba eseyivikelile nje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.