Kubhikishe abadlali kweleChampionship kumiswa umqeqeshi

Kubhikishe abadlali kweleChampionship kumiswa umqeqeshi

 

Kusuke esinamathambo kwiBlack Leopards abadlali beduba umsebenzi kulandela ukumiswa komqeqeshi nephini lakhe ekuqaleni kweviki.

Ngokuthola kweMpempe abaphathi beqembu bebengenelisekile ngemiphumela etholwa uJoel Masutha nethmba lakhe base benquma ukubamisa emsebenzini.

Nokho indaba isheshe yafika kubadlali ukuthi kumiswa uMasutha noMorgan Shivambu nje abaphathi bafuna ukulanda uDylan Kerr.

Kulapho ke abadlali abavele bashaya isiteleka esincane bathi abalubhadi ejimini uma kuwukuthi uMasutha noShivambu abekho.

Leli qembu elingelinye lanabalandeli abaningi kwiMotsepe Foundation Championship, liphikwa imiphumela kulesi sigaba.

Kumanje leli qembu lisendaweni yesibili ukusuka emsileni. Lisaoqe amaphuzu amathathu kuphela ngemuva kwemidlalo emihlanu.

FUNDA NALA: Ngabe ufakwe amasondo noma uzishiyele uZondo kwiRoyal AM?

Kuthiwa okwenza abaphathi basheshe banyukelwe ushukela ngalesi simo wukuthi nangesizini edlule liphunyuke sekuvalwe amehlo ezembeni.

Kodwa abadlali kuthiwa bona basamethemba uMasutha futhi babona izinto zizojika maduze kwazise bebesajwayela indlela afuna badlale ngayo.

Leli qembu linomlando omude ebholeni lakuleli njengoba laveza abadlali abaningi abanonhlonzo nabaqgame kwamanye amakhulu.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *