Kubhuntshe izingxoxo phakathi kweSundowns ne-Al Ahly mayelana noSirino

Sihle Ndlovu

UGaston Sirino uzoqhubeka nokuhlala kwiMamelodi Sundowns yize bese kulindelwe ukuthi alishiye iqembu lasePitoli ajoyine i-Al Ahly yase-Egypt.

Leli qembu liqeqeshwa uPitso Mosimane obecija iSundowns isikhathi eside ngaphambi kokuthi azitholele amadlelo aluhlaza e-Egypt.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiSundowns ngoMsombuluko izingxoxo phakathi kwayo ne-Al Ahly azifinyelelanga lapho bekulindelwe khona

“IMamelodi Sundowns namuhla imemezele ukuthi isizimisile izingxoxo phakathi kwayo ne-Al Ahly SC ngoba amaqembu awavumelani nhlobo mayelana nokudayiselana uGaston Sirino. Ubudlelwano obuhle phakathi kukamengameli we-Al Ahly uMahmoud El Khatib, nomengameli weSundowns uPatrick Motsepe, buzoqhubeka. Kanjalo nobudlelwano obuhle phakathi kwamaqembu womabili busazoba buhle kodwa ibukeka ingayi ndawo indaba yokuqhubeka nezingxoxo ezithinta ukudayiselana uGaston Sirino,” kusho isitatimende esikhishwe yiSundowns.

“IMamelodi Sundowns izoqhubeka nokudedela abadlali ukuthi bayodlala e-Europe, enhla ne-Afrika nakwamanye amazwe, njengoba yenzile kuPercy Tau, Bongani Zungu, Keagan Dolly, noSiaka Tiene wase-Ivory Coast. Nokho imali yokudedela abadlali kumele ibonakale ngoba iSundowns ihlale ikhokha imali eshisiwe kubo bonke abadlali ebathengayo. UGaston Sirino uzobeka umqondo wakhe ekudlaleni ibhola, alwele ukuqala imidlalo kwiSundowns,” siphethe kanje isitatimende.

USirino ungomunye wabadlali okuke kwavela ukuthi bafunwa wuMosimane ngemuva kokusayina kwi-Al Ahly. Abanye uThemba Zwane wayo iSundowns noSamir Nurkovic weKaizer Chiefs.