Kubhuntshe umdlalo weWestern Province neSharks ngenxa yeCovid-19

Sihle Ndlovu

Kuphoqeleke ukuthi kubhuntshe umdlalo weCarling Currie Cup obuzokuba phakathi kweDHL Western Province neCell C Sharks ngoMgqibelo ntambama, ngenxa yeCoronavirus.

Lokhu kudalwe wukuthi kukhona abatholakale beneCoronavirus ekhempini yeSharks, kwathathwa isinqumo sokuthi ungabe usaba khona lo mdlalo wokugcina wamaphuzu obuzodlalelwa eNewlands Stadium, eKapa.

Ukubhuntsha kwalo mdlalo kuchaza ukuthi amaqembu azohlukaniselana amaphuzu, athole amabili lilinye. Lesi sinqumo senze iWestern Province yagxumela endaweni yokuqala ngamaphuzu angu-37 ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu phakathi kweVodacom Bulls neXerox Lions.

IBulls yehlele endaweni yesibili kanti iSharks isahleli endaweni yesithathu. Womabili la maqembu abenamaphuzu angu-35 ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu.

ISharks isiqinisekile ukuthi izodlala kweyandelula eyamanqamu kungakhathalekile ukuthi ihamba kanjani eminye imiphumela ngempelasonto. ICheetahs enamaphuzu angu-27 endaweni yesihlanu, ingakwazi ukufinyelela emaphuzwini angu-32 kuphela uma ithola iphuzu lebhonasi ngempelasonto.