Kubi kuMosimane eGibhithe, angase achithwe

UPitso Mosimane

OKADONGA GUMBI

Sekuvele imibiko ethi izinto ziyambhimbela uPitso Mosimane kwi-Al Ahly eGibhithe futhi kungenzeka ijazi ligcwale umoya maduze uma izinto zingajiki.

Lokhu kulandela imiphumela engagculisi ethola yileli qembu muva nje. I-Ahly ingene ehlazweni ngesikhathi iqeda endaweni yesibili ngemuva kweSImba SC yaseTanzania eqoqweni layo kwiCAF Champions League.

Kuvela ukuthi yikho lokhu osekumenze nyamanambana uMosimane kubaphathi beqembu. Nakwiligi yasekhaya i-Ahly ilele isibili ngemuva kwezimbangi zayo ezinkulu iZamalek.

Esinye sezikhulu ze-Ahly, uMohamed Fadl ucashunwe ngabeKingfut ethi izinsuku zikaMosimane sezibaliwe njengoba izinto zingahambi ngendlela elindelekile.

“UPitso Mosimane ungumqeqeshi onenhlanhla futhi muhle uma kunemidlalo emikhulu kuphela,” ucashunwe esho kanje uFadl. “Abantu bakhumbula ukudlala kahle kwe-Al Ahly ngesikhathi sikaRené Weiler nokuhlabana kwalo ngaphansi kukaManuel José.

“UMosimane akakakwazi namanje ukubaluleka kokuqeqesha i-Al Ahly. Akulungile ukudlalisa uWalter Bwalya ushiye ngaphandle uMohamed Sherif.

“Ngesizini ezayo uBwalya uzobolekiswa ngenxa yokuhluleka kukaMosimane ukumjwayeza kancane kancane eqenjini. Indlela uMosimane adlala ngayo kweminye imidlalo ayigculisi.

“Sibukile nje iGhazl El-Mahalla ne-Al Masry behubhisa i-Al Ahly izithunzi emidlalweni yakamuva,” kuqhuba uFadl. Ube eseveza ukuthi iqembu seliqalile lithungatha umqeqeshi omusha.

“UPitso Mosimane ngeke aqhubeke kwi-Al Ahly futhi iqembu seliqalile ukufuna umqeqeshi omusha. Akuyona into engiyaziyo leyo, yinto engilindele yenzeke.

“UMosimane akayena umqeqeshi ofanelwe ukuhola iqembu elikhulu njenge-Al Ahly. Ifanelwe ngumqeqeshi ongcono kunaye,” kuphetha uFadl.

I-Al Ahly izodlala neZamalek emdlalweni onzima ngoMsombuluko, bese ilandela ngeMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ozayo. Imiphumela yale midlalo kungenzeka iveze ukuthi likhona yini ikusasa likaMosimane kuleli qembu.

Email: Editor@Impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.