Kubikwa uqhekeko kwiPirates ngabaqeqeshi ababambile

Kubikwa uqhekeko kwiPirates ngabaqeqeshi ababambile
UMandla Ncikazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele imibiko ethi isimo asisihle ekhempini ye-Orlando Pirates njengoba abadlali sebeqembukelene phakathi.

Kuthiwa into eyenza kube noqhekeko wukuthi kunokwehlukana kwemibono ngokuthi ubani okumele anikwe umsebenzi wokuqeqesha leli qembu.

IPirates ayinaye umqeqeshi kusukela kwashiya isigubhukane uJosef Zinnbauer ngasekuqaleni kwesizini.

Okwamanje kusabambe oMandla Ncikazi noFadlu Davids ngokulingana kodwa yikho lokhu okuthiwa sekususe uthuthuva.

Ngokombiko wePhakaaathi, kwiPirates abadlali bahlukene phakathi ngokuthi ubani okumele ashaye umthetho kulaba bobabili.

“Abantu abeneme ngokwenzeka ngaphakathi eqenjini. Iqembu libophele abadlali abanohlonze kodwa akubanjiswene.

“Sekuneqeqebana ngaphakathi eqenjini njengoba kukhona abalalela uma kukhuluma uFadlu kuphela.

“Abanye bafuna kube wuMandla olawulayo ngakho beseka yena,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko.

“Uyabona inkinga iqala ekutheni akekho umqeqeshi okunguyena ophethe. Akekho umuntu okuwuyena oshaya umthetho.

FUNDA NALA: IChiefs ivule ngokubhaxabula iPirates KwiDiski Challenge

“NoThembinkosi Lorch wakhuluma ngokungabambisani okukhona eqenjini kwiTV. Uma kukhona umdlali ongazwani naye, awumphaseli ngaphandle uma uxinekile kungekho omunye ongamphasela.

“Yilokho okwenzekayo – kumele uqaphelisise indlela iqembu elidlala ngayo, akufanele kwenzeke kanje eqenjini elikhulu njengePirates.

“Angazi izolungiswa kanjani le nto kodwa kumele abaphathi bayisukumele ngokushesha ngoba ngale kwalokho kuzoshuba,” kusho lo mthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *