Kuboshwe owayengumdlali wePirates ngecala lokugqekeza

Kuboshwe owayengumdlal wePirates ngecala lokugqekeza
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Google

Owayengumdlali we-Orlando Pirates ukhalelwe amasongo kasigonyela esolwa ngokugqekeza eLombardy East eGoli.

Ngokusho kweDaily Sun lo mdlali owayeyibamba kweZimnyama uboshwe ngoLwesibili kanti kulindeleke ukuthi avele phambi kwenkantolo yaseGoli ngoLwesine.

Igama lalo mdlali ngeke livezwe kuze kube uvela enkantolo.

Ngokusho kukaColonel Katlego Mohale ukuboshwa kwalona owayedlalela iPirates kube wumphumela womsebenzi omuhle wamaphoyisa asebenza umshosha phansi.

UMohale uqinisekise ukuthi abasolwa ababili abaneminyaka engu-33 (lo owayedlalela iPirates) noneminyaka engu-46 (umngani wakhe) baboshiwe.

Baboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole ulwazi ngamadoda abehlomile ehamba nge-Audi abeyisebenzisela ukubamba inkunzi nokugqekeza eGauteng.

FUNDA NALA: Zazithengiwe izinkabi ezabulala uMeyiwa

UMohale uthe uthe imoto ebihamba abasolwa ivinjiwe yaseshwa amaphoyisa athola izibhamu ezintathu, izinto zokugqekza, okokuvala ubuso, ithelevishini eyebiwe namafoni.

Uphenyo luyamanisa la madoda amabili namacala okweba izimoto nokugqekeza kuhlonyiwe. UMohale uqinisekise ukuthi uphenyo lusaqhubeka.

Uma kubhekwa amacala abekwe la madoda, angase abhadle ejele isikhathi eside kakhulu uma etholakala enecala.

Impempe ihletsheliwe ukuthi ngubani lo mdlali kodwa njengoba engakaveli enkantolo ngeke ikwazi ukuveza igama lakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.