‘Kubuhlungu impela kodwa usephumule ezinhlungwini uBra Mzi,’ kusho uNcita

UWelcome Ncita ongomunye wabashayisibhakela abasizwa nguMzimasi Mnguni ongasekho

SIHLE NDLOVU

UWelcome Ncita owake waba ngumpetha womhlaba kwi-Inter national Boxing Federation (IBF) esisindweni seSuper Bampngamweight engaphansi kukaMzimasi “Bra Mzi” Mnguni ongasekho, uthi ubefana noyise kuyena uMnguni uma ebheka ukuthi usuke naye phansi waze wambeka phezulu.

UMnguni obenguphromotha wezimpi abuye abe ngumqeqeshi kubashayisibhakela okubalwa kubo oNcita, Vuyani “The Beast” Bungu, Mbulelo Botile noZolani Petelo, udlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni eneminyaka engu-73 ngemuva kokubanjwa ukugula isikhathi eside kakhulu.

UNcita, owagcina eringini ngo-Okthoba 3, 1998, uthe kubuhlungu kakhulu ukudlula kukaMnguni emhlabeni kodwa kwesinye isikhathi umuntu kungcono aphumule kunokuzwa izinhlungu isikhathi eside.

Ukusho lokhu ngoba bese kuneminyaka ebambekile uMnguni engasindi. Empeleni ukungaphakethi kahle empilweni kwamqala ngo-2014 ngesikhathi ehlaselwa yisifo senhliziyo.

“Ayikho into ethusa njengokutshelwa ukuthi umuntu usedlulile emhlabeni, kuvele kushintshe sonke isimo. Lento ikwenza ucabange izinto eziningi. Side kakhulu isikhathi engaphilile. Umuntu angathi kungcono kwenzeke lokhu okwenzekile kunokuthi alokhu ezwa izinhlungu,” kusho uNcita, owayaziwa ngelikaHawk esalwa.

“Akumnandi ukuzwa ukuthi umuntu obesondelene nawe udlulile emhlabeni. Noma kungathiwa ubengasondelene kangakho nawe yinto ethusayo leyo. Nokho phansi kwesimo esifana nalesi sikaBra Mzi uba nakho ukuthi okungasenani uphumulile ezinhlungwini.”

UNcita uncome uMnguni ngamagalelo akhe kwezamankomane nokuthi i-East London uyenze yahlonishwa esibhakeleni ngenxa yamagalelo akhe. UMnguni ubenesitebela sakhe, i-Eyethu Boxing elokhishini lakuleli dolobha uMdantsane.

“Wenze into enkulu kakhulu ngokuthi angithathe ngiseyi-amesha, anyukele nami ezingeni lesifundazwe, aphinde anyuke nami angibeke kuzwelonke. Akagcinanga lapho ngoba unyuke nami ngaze ngaba wumpetha womhlaba, ngilokhu ngihamba naye. Ubudlelwano bethu bebufana nobukayise nendodana. Ngicabanga uyaqonda ukuthi uma uthola izindaba ezifana nalezi ziningi izinto zakudala ezivele zibuye ngokushesha,” kubeka uNcita.

UMnguni uzobekwa endlini yakhe yokugcina ngeSonto eMaZotshweni, e-Alice. Umndeni wakhe unqume ukuthi kube nezinkonzo ezimbili zokumphelezela. Eyokuqala izokuba ngoMgqibelo, ePresbyterian Church of Southern Africa, eGompo, e-East London. Bese kuthi eyesibili ibe ngeSonto eMaZotshweni Village nokuyilapho ezofihlwa khona.

Email: sihle@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.