Kubuhlungu kubasubathi ukumiswa kweComrades ‘ebalulekile’

U-Edward Mothibi owawina iComrades Marathon ngo-2019

OKADONGA GUMBI

Lona bekungunyaka obaluleke kakhulu kubagijimi beComrades Marathon njengoba kungowekhulu (100) kusuka ku-1921 la izinsizwa ezingu-34 zaqala lo mjaho osuka eMgungundlovu uphelele eThekwini.

Cishe bekuyiphupho labaningi ukuwunqoba kulo nyaka ukuze bahlale embabhukwini omlamdo kuze kube phakade. Kanto nokuwugijima nje onyakeni obaluleke kangaka bekuyinto ebhekwe ngabomvu ngabagijimi abaningi.

Kodwa lokho ngeke kusenzeka njengoba inhlangano ehlela lo mjaho, iComrades Marathon Association (CMA) kuthe boLwesithathu yamemezela ukuthi ngeke usaba khona kulo nyaka.

“Ibhodi elihlela iComrades Marathon liyaxolisa ukuthi selithathe isinqumo sokumisa lo mjaho obekuhlelwe ukuthi ube ngoJuni 13 ngenxa yokubhebhetheka kweCovid-19,” kusho ingxenye yesitatimende esikhishwe yinhlangano eyengamele lo mjaho odume umhlaba wonkana.

“Usihlalo weCMA, uCheryl Winn unxusa bonke abagijimi ukuthi basamukele futhi basihloniphe lesi sinqumo okufinyelelwe kuso ngokubambisana neKZNA (KwaZulu-Natal Athletics), ASA (Athletics South Africa) nokubheka imigomo kahulumeli yezokuphepha nokuvikeleka kwiCovid-19.

“Okubaluleke kakhulu nokho kube wukubhekelela izimpilo zabagijimi, abasiza ngesihe ngesikhathi somjaho nabo bonke abanye abayingxenye yalo mjaho,” kuchaza isitatimende.

Sekungunyaka wesibili kulandelana ungagijinywa lo mjaho ngenxa yokudlanga kweCoronavirus esibaqedile abantu. Umsubathi oqavile walo mjaho, nokunguyena owagcina ukuwunqoba ngo-2019, u-Edward Mothibi utshele abe The Top Runner ukuthi kubuhlungu lokhu.

“Bengingakazizwa lezo zindaba zokuthi iComrades Marathon imisiwe futhi. Ngiyaziqabuka nje ngawe kwazise ngisemsebenzini,” kusho uMothibi.

Le nsizwa eneminyaka engu-36 ingumabhalane emahhovisi emayini Impala Platinum eNorth West. “Yhoo, kuyadumaza lokhu. Benginenethemba lokuthi ngizogijima kulokhu.

“Yazi kwesinye isikhathi ngivele ngifise sengathi singavuka lento yeCoronavirus ingasekho, sibuyele empilweni ejwayelekile,” kubalisa uMothibi.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.