Kubukeka kusazoyishubela iChippa ehlalelwe yiPirates kolandelayo

UDaine Klate oqeqesha iChippa United
Sihle Ndlovu

IChippa United noDaine Klate kubukeka besazokubona okwabonwa wuSawula njengoba iya ngokushuba imidlalo yeDStv Premiership ka-2022/2023.

Leli qembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi lithole isibhaxu sika 3-1 sivela kwiRoyal AM emdlalweni weligi eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoLwesithathu ebusuku. Okuhlalukile kulo mdlalo ukuthi usemkhulu kakhulu umsebenzi okumele wenziwe uKlate kuleli qembu njengoba lisayinise abadlali abangu-16 abasha.

Kusazoba nzima nangempelasonto kwiChilli Boyz njengoba izobhekana ne-Orlando Pirates koweligi e-Orlando Stadium, eSoweto, ngeSonto ngo-3 ntambama. Nakanjani kuzoyishubela iChilli Boyz kulo mdlalo ngoba iBucs ayishayeki kalula uma idlalela kwesikaMaminzela.

“Sizothatha lokhu esikwenze kahle ngesiwombe sesibili bese sisebenzise kona ngeSonto,” kusho uKlate.

Uvumile nokho ukuthi kusamele agqugquzele abanye abadlali bakhe ukuthi bazethembe ngoba basaba nakho ukwesaba uma bengena enkundleni.

“Okwenzeke ngesiwombe sokuqala kusimoshe kakhulu. Ngesinye isikhathi uma ukhuluma ngalezi zinto njengomqeqeshi ngaphambi komdlalo kuvele kwenzeke lokho obukusho. Ngenhlanhla ngingakwazi manje ukubuyela kubona ngithi nginitshelile,” kusho uKlate.

“Kodwa yiqembu elishaya, sisayinise abadlali abangu-16, kusamele sithole umgqigqo wethu nokuxhumana okuhle. Wonke umuntu uzolithola ithuba lokudlala ngoba imidlalo iza ilekenyana.

“Kumele sigcine imilenze yabadlali ikahle. Bekumele ngikhiphe u-Andile (Mbenyane) ngoba bese ngicabanga ngomdlalo wePirates. Bekumele kube khona abadlali esibakhiphayo ngoba sisenamdlalo omkhulu ngeSonto.”

Kuyaziwa kwiChippa ukuthi akucucuzwa uma umqeqeshi engayitholi imiphumela emihle. Kufanele ukuthi noKlate unakho emqondweni ukuthi uma eshaywa emidlalweni emithathu ezayo angase akhonjwe eza ngayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.