Kubuye ukuzethemba kuWayde ewina umjaho

UWayde van Niekerk

ALFRED NGUBANE

UWayde van Niekerk ongumpetha ophethe iredodi ku-400m lokuwina kuma-Olympic Games akaphoxanga ngempelasonto njengoba ezidlele amahlanga kwiSizwe Medical Fund ASA Senior Track and Field Championships eTuks Stadium, ePitoli.

Uwewin indondo yegolide ebangeni lika-200m wenza isikhathi esingu-20:38, kanti uthi ukuwina kwakhe sekuvuselele umuzwa wobumpetha kuye, kwabuya nokuzethemba.

Uthe usazoqhubeka nokuzikhandla ngokuziqeqesha njengoba umgqigqo wakhe ethi uwuthole kahle.

Khonamanjalo, uBenjamin Richards ulale isibili wazitholela indondo yesiliva kanti ezintokazini uJustine Parlfaman nguye obengumpetha enza isikhathi esingu-23;64 ethola indondo yegolide kanti ubexinwe eduze nguShirley Nekhubui owenze isikhathi esingu-23;77.

Ebangeni elide, uGlenrose Xaba uvikele ngempumelelo isicoco sakhe ku-10000m, enza isikhathi esingu-33;35.23, ebangeni lika-5000m khona uPrecious Mashele nguye umpetha njengoba enze isikhathi sika-13.42.31

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *