Kubuyele uBvuma emapalini eChiefs kowokuvula isizini kwiDStv Prem

Kubuyele uBvuma emapalini eChiefs kowokuvula isizini kwiDStv Prem
UBruce Bvuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uzoqalisa uBruce Bvuma epalini umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter emdlalweni wokuqala waleli qembu kwiDStv Premiership.

IChiefs izobhekana neTS Galaxy eMbombela Stadium ngeSonto ngo-5 ntambama. Bekuvimbe u-Itumeleng Khune ngempelasonto edlule kwiMTN 8.

Akabanga ke nosuku oluhle uKhune ikakhulukazi ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi la agcina esephendulwe ihlaya.

Lokhu kwakulandela ukuqhwishisa kwakhe umlenze ezama ukuvimba iphenathi kaKennedy Mweene.

UKhune akekho ngisho ebhentshini kulo mdlalo weTS Galaxy njengoba kubuyele uDaniel Akpeyi.

UBvuma ungomunye wonozinti abane abaqokelwe eqenjini lesizwe okuzokhishwa kulo abadlali abazodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana izodlala neZimbabwe neGhana ngenyanga ezayo kanti uBvuma nguyena unozinti okubukeka uHugi Broos ezothembela kuye.

Nangesikhathi eqoka iqembu okokuqala wamkhetha yize ayesadlale imidlalo emibili kwiChiefs ngaleso sikhathi.

Wathi uma echaza wathi umbuke enza izinto zakhe esazivocavoca elungiselela umdlalo wachazeka.

FUNDA NALA: UHunt uchazekile ezakhe zivula ngewini abengayibhekile

Kuphele isizini edlule sekunguye othenjiwe kwiChiefs kodwa kwaphoxeka abaningi sekubuyiselwa u-Akpeyi ezintini kowamanqamu kwiCaf Champions League.

Lime kanje iqembu leChiefs elizoqala umdlalo: Bvuma – Blom, Hlanti, Cardoso, Mathoho – Parker, Sekgota, Alexander, Nange – Billiat, Nurkovic

Ebhentshini: Akpeyi, Mphahlele, Mabiliso, Ngcobo, Dube, Agay, Ngcobo, Kambole, Dolly

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.