Kucazwe amaphuzu i-Arrows nePirates begolozelana

Kucazwe amaphuzu i-Arrows nePirates begolozelana
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Zigolozelane zaze zagcina zicazele amaphuzu emdlalweni weDStv Premiership obuphakathi kweGolden Arrows ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama.

La maqembu abegadulisana ePrincess Magogo Stadium futhi umdlalo uqale kubonakala sengathi uzoba namagoli kodwa wagcina uphele ngo 0-0.

Ngokomdlalo bezilingana futhi zingancengani kusukela uqala kodwa yiPirates ebiyakha amathuba angcono okushaya amagoli.

Buka nje ngoba kungakapheli ngisho imizuzu engu-20 uFortune Makaringe ubethi usedlile edonsa intambo engaphandle kancane kwebhokisi.

Nokho ibhola lakhe lizishayise epalini ekubeni bese limdlile uNkosingiphile Gumede obesezintini kwi-Arrows.

Nayo i-Arrows ibenawo amathuba athusayo nebingawasebenzisa kangcono kodwa yahluleka.

Ngasekupheleni kwesiwombe uDeon Hotto ushaye elihle ibhola kade libekwe phansi kodwa nalo lashaya ipali selimdile uGumede.

Zihubhanile nasesiwombeni sesibili kodwa alikho elivume ukugoba uphondo njengoba umdlalo uze waphela zibambene.

FUNDA NALA: USekgota uthi iChiefs kuzomele iqaphele kwiMaritzburg

I-Arrows kumele inconywe ngokuthi ibuye seyihleleke kangcono kakhulu kulesi siwombe futhi iPirates ibingasawatholi amathuba njengasekuqaleni.

Lo mphumela awumubi kodwa awumuhle njengoba engezunyakaza ezindaweni abekuzo.

IPirates isazohlala endaweni yesikhombisa nmgamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-11.

Abafana Bes’thende bona basendaweni yesishiyagalolunye kanti banamaphuzu angu-12.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.