Kudabuke inhliziyo kuMntambo wePirates ngokuhamba kweCosmos

Kudabuke inhliziyo kuMntambo wePirates ngokuhamba kweCosmos
ULinda Mntambo
OkaDonga Gumbi

ULinda Mntambo we-Orlando Pirates uthi inhliziyo yakhe isale iyizicucu kulandela ukudliwa yizembekweJomo Cosmos kwiGladAfrica Championship.

Lo mdlali uliqale kuzo ezikaMjomane ibhola elikhokhelayo kanti ubhonge emswaneni, ethi lilahlekelwe ibhola lakuleli ngalokhu kugencwa yizembe kweZenkosi.

UMntambo ukhala nje umnikazi weCosmos, uJomo Sono yena uthe akanandaba ngoba nakwi-ABC Motsepe League kuzobe kusadlalwa ibhola.

“Ukukhuluma iqiniso nje angikho esimweni esihle… Inhliziyo yami iyaqaqamba njengoba iJomo Cosmos FC, engelinye lamaqembu amakhulu kuleli elikhiqize inqwaba yezihlabani selehliselwe ezigabeni ezincane zebhola.

“Angikhaleli ukudliwa kwayo yizembe kuphela, kodwa nokuncipha kwamathuba kubafana abasebancane eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana lokuveza amakhono abo kwiPSL,” ubhale kanje uMntambo kwi-Instagram wakhe. 

“IJomo Cosmos FC seyivundulule inqwaba yamakhono kule minyaka edlule, noma kumele ngithi inike abafana abebengaziwa ithuba lokuzibonakalisa okubalwa nami kubo.

“Ngasayinwa yileli qembu ngo-2014 futhi ngibe nezikhathi ezinhle nezimbi amasizini amathathu nengxenye kulo.

“Ukunyuselwa kwi-Absa Premiership ngosuku lwami lokuzalwa ngomhla ka-3 kuJuni 2015 nokuba ngukaputeni weqembu ngesizini ka-2017/18 yizinto engizigqajayo ngazo.

“Okubi okwenzeka kwaba wukudliwa kwethu yizembe kodwa ukugqoka leliya jezi bese ngidlala imidlalo engu-110 yinto engizohlala ngizigqaja ngayo.”

FUNDA NALA: UMcCarthy uveza amahlazo okushoda kwemali kuMaZulu

Ube esegqugquzela uJomo ukuthi angalilahli ithemba ngoba usangabuya ngamandla kunakuqala.

“KuBlack Prince/ Cara-Cara / 20 Thousand/ Bra J / Dr Ephraim Matsilele Sono, ngifuna ukumkhumbuza ngezimpilo azijikile engumdlali, umqeqeshi nosihlalo weqembu. 

“Enhliziyweni yami uyohlale unendawo ekhethekile, futhi ngikhlwa wukuthi lokhu kukhubeka kuzokunika ithuba lokuvuka ngamandla.

“Enga ungaqhubeka nokulandela isifiso sakho sokushintsha izimpilo zabantu ngebhola. Awuyena nje ubaba wami wasebholeni kuphela, kudwa ungumholi oqotho, isibonelo esihle futhi ungumuntu engimhlonipha kakhulu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.