Kudideke abaningi uBroos eshiya ngaphandle uNgcobo kwiBafana

Kudideke abaningi uBroos eshiya ngaphandle uNgcobo kwiBafana
UYusuf Maart
UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli uHugo Broos umemezele abadlali bakhe abangu-23 azogadla ngabo kwiZimbabwe neGhana ngenyanga ezayo.

IBafana Bafana izogadulisana nalamazwe emidalwleni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngasekuqaleni kukaSepthemba.

Njengenjwayelo, kusale izinkulumo mpikiswano nemibuzo ngemuva kokukhishwa kwaleli qembu. Umdlali okubuzwana ngaye kakhulu nguNjabulo Ngcobo weKaizer Chiefs.

UNgcobo ube yisitobha esivelele kuleli ngesizinie dlule futhi udlale kahle nakwiCoasafa Cup ngenyanga edlule.

Nokho ubengakadlali kwiChiefs kule sizini okwenza kube nzima ukuthi umqeqeshi amqoke. Kodwa okumangazayo wukuthi uzakwabo kwiChiefs, uThabani Dube naye akakadlali kule sizini kodwa uqokiwe.

Nokho Impempe seyihoshe umoya wokuthi yiyo iChiefs ecele ukuthi uNgcobo angaqokwa kulokhu njengoba ikhala ngokuthi akalitholanga ithuba lokuphumula kade kuvalwe isizini.

FUNDA NALA: UMbonambi ulimale ematekisini, waphoqeleka ukushiya esibhakeleni

Sisazozama ukuqinisekisa lokhu. UBroos uhambe emagameni akhe ngaleli qembu njengoba ayethembisile ukuthi uzosebenzisa abafana abasebancane.

Iningi labaqokile yilabo abebedlala kwiCosafa Cup enqotshwe yiyo iBafana kanti ngabafana abasebancane ngeminyaka.

Nalu uhlu lwabadlali abamenyezelwe uBroos:

Onozinti: Ronwen Williams (Supersport United); Veli Mothwa (AmaZulu); Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs)

Izitobha: Sydney Mobbie (Mamelodi Sundowns); Rushine De Reuck (Mamelodi Sundowns); Thapelo Morena (Mamelodi Sundowns); Siyanda Xulu (Hapoel Tel Aviv, Israel); Thibang Pete (Belenenses, Portugal); Thabani Dube (Kaizer Chiefs); Sibusiso Mabiliso (Kaizer Chiefs)

Esiswini: Sipho Mbule (Supersport United); Teboho Mokoena (Supersport United); Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns); Yusuf Maart (Sekhukhune United); Ethan Brooks (TS Galaxy); Njabulo Blom (Kaizer Chiefs)

Abagadli: Thabiso Kutumela (Mamelodi Sundowns); Bongokuhle Hlongwane (Maritzburg United); Gift Links (Aarhus GF, Denmark); Evidence Makgopa (Baroka FC); Victor Letsoalo (Royal AM); Percy Tau (Brighton and Hove Albion, England); Luther Singh (FC Copenhagen, Denmark)

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.