Georgia, yiyonanto eduma ekhanda kumaBhokobhoko

Georgia, yiyonanto eduma ekhanda kumaBhokobhoko
UDuane Vermeulen
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Njengamanje into esemiqondweni yeqembu lakuleli lebhola lombhoxo, amaBhokobhoko, yiGeorgia. Njengoba eyibeka ngesinono umculi waphesheya, uHoagy Carmichael, lapho ethi ecwecweni lakhe Georgia is on my mind, kunjalo nakubafana baseMzansi abagqoka ijezi lesizwe elihlobe ngokuluhlaza okusagolide.

IGeorgia le iyona ezobhekana namaBhokobhoko, azobe edlala okokuqala selokhu awina iNdebe yoMhlaba eJapan ngo-2019. Ngemuva kwalokho iqembu lakuleli alikaze lingene enkundleni ngenxa yokuthikanyezwa ukudlanga kwiCoronavirus.

Nokho ngoLwesithathu, iphini lo mqeqeshi kumaBhokobhoko, uDeon Davids, likhulume nabezindaba eBloemfontein. Uthe abatatazeli futhi abafuni ukuthatha mawala mayelana noNombolo 8 olimele, uDuane Vermeulen uma sebehlangana neGeorgia ngoLwesihlanu oluzayo (Julayi 2).

UVermeulen ulimele eqakaleni okwamanje futhi akakwazi ukuhlanganela nozakwabo ukulungiselela imidlalo ezayo, kumbandakanya nabazoyidlala ne-British and Irish Lions.

Ngokusho kukaDavids lo mdlali obalulekile kuNombolo 8, uzolijoyina iqembu makhathaleni kodwa ngeke akwazi ukudlala imidlalo yeTest emibili lapho bezobhekana neGeorgia.

“Sivule imiqondo ekwenzeni kwethu izinto, futhi sinabo abadlali abangangena endaweni kaDuane. Abadlali silokhu sibadlalisa izindawo ezihlukene uma sizilolonga.

“Kukhona abadlali abafana noKwagga (Smith), Jasper (Wiese) osemncane noDan du Preez, bonke asebeke badlala kuNombolo 8 phambilini,” kusho uDavids.

“Sizolokhu sihlolisisa futhi sibheka ngokuqaphela lokhu esikudingayo eqenjini lethu, bese sibone ukuthi senza kanjani ngoMsombuluko noma ngoLwesibili.”

UDavids uthe njengethimba labaqeqeshi bazobhunga ngokuthi bazolikhetha kanjani iqembu uma sekufike abadlali abagijima phesheya abangakafiki, kuleli sonto.

Uthe lokho bazokwenza uma sekuqala isonto elizayo. “Abadlali abambalwa bazofika kule mpelasonto bese sibabheka ukuthi bakusiphi isimo, sithathe iizinqumo,” kusho uDavids.

Funda nala: UBvuma ubashiye bevuma bethi ‘Yes Baby’

Ugcizelele ukuthi balindele imidlalo enzima uma sebebhekene neBritish and Irish Lions ngenyanga ezayo kodwa bakulungele okungenza kuyona ngendluzula.

“Bengilokhu ngihlaziya iLions, inabadlali abahle kakhulu abadlala phambili. Kukhona u-Alun Wyn Jones ohamba phambili, nabadlali abafana noTadgh noCourtney Lawes. Ngakolunye uhlangothi noma ngubani osuka ebhentshini labo angawuqala umdlalo noma yinini,” kusho uDavids.

Okwamanje imiqondo yabadlali bamaBhokobhoko igxile kulo ‘Georgia on my mind’ kodwa kuzomele isuke ngokushesha icabange ngamaBhubesi njengoba kuzodlula isikhashana abe esehhahhama efuna ukuzibonela ukuthi zisabaleka ngendlela efanayo yini izinyamazane ezingama ‘Springboks.’

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *