Kufezeka iphupho kunondweba wesifazane oqokelwe eyeNdebe yoMhlaba

Kufezeka iphupho kunondweba wesifazane oqokelwe eyeNdebe yoMhlaba
U-Akhona Makalima
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uthi kufezeka iphupho lakhe elidala unompempe wesifazane wakuleli, u-Akhona Makalima oqokelwe ukuyodlalisa kwiNdebe yoMhlaba.

UMakalima ungomunye wonompempe abangu-50 iFifa ezoqoka kubo abazoshaya impempe emidlalweni yeNdebe yoMhlaba yabesifazane yango-2023.

Le midlalo izodlalelwa ezinkundleni ezehlukene e-Australia naseNew Zealand. UMakalima uthi wagxumisa okwengane phezu kombhede ezwa lezi zindaba.

“Ngagxuma phezu kombhede ngesikhathi ngithola ukuthi ngingomunye wabaqokiwe ukuthi bangase basebenze kwiNdebe yoMhlaba ezayo.

“Abantu bavele bacabange ukuthi ngiyazincokolela nje uma ngithi ngalokhu kufezeka iphupho lami elidala,” usho kanje ekhuluma nabeSAfm ngoLwesibili.

“Yinto enkulu lena. Yinto wonke umuntu okulomsebenzi wethu ayifisayo. Ngijabule kakhulu,” kuqhuba losisi ongomunye wamavulandlela kwabesifazane ekushayeni impempe.

“Ngake ngaqokelwa ukuyodlalisa kwiNdebe yoMhlaba yango-2019 eFrance. Kodwa ngakhetha ukuliyeka ngilandele elinye lokuyoqiniswa ukhakhayi kwiGlobal Sport Mentorship e-USA.

“Kwakuyithuba eliyingqayizivele lokuyoncela ulwazi nokwakha ubudlelwano nabantu abakhulu kwezmidlalo emhlabeni jikelele. Angizisoli ngengakwenza.”

Ebuzwa ukuthi yiziphi izinselelo aseke wabhekana nazo uma edlalisa ezigabeni ezikhokhelayo kuleli, ubalule umdlali angamshongo ngegama owamthuka.

“Ukukhuluma iqiniso nje, abadlali abakaze bangeyise. Angikaze ngizizwe sengathi angemukelekile enkundleni.

“Kodwa kukhona umdlali oyedwa owakhuluma kabi ngemuva kokuthi ngimnike ikhadi elibomvu emdlalweni owawuseKapa.

FUNDA NALA: USteyn ushiye izinkumbulo namarekhodi amahle kwikhilikithi

“Ngabe sengimdonsa ngendlebe ukuthi angaphinde nje akwenze lokho,” kuchaza uMakalima oneminyaka engu-30.

UMakalima owokuzalwa Engculu, eNgqamakwe e-Eastern Cape. Uveze nomdlalo athi wawunzima kuye.

“Umdlalo owawuphakathi kweCape Town City neGolden Arrows yiwona onzima kunayo yonke engake ngadlalisa kuyo.

“Kwakusebenza izikhwepha kakhulu futhi ushesha umdlalo wakhona. Babegijima nje umdlalo wonke. Ngazitshela ukuthi cishe yisivivinyo sami ke lesi. Kodwa ngakubuka ngokuthi yinselelo enhle ezongiqinisa.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.