Kufezeke isifiso sabalandeli iChiefs iqasha uZwane

Sihle Ndlovu

Kwenzeke intando yabalandeli ngesikhathi iKaizer Chiefs iqasha u-Arthur Zwane ukuthi abe ngumqeqeshi wayo ngokugcwele ngoLwesine.

Lokhu kuqinisekiswe iyona iChiefs ebize abezindaba yazokhipha lezi zindaba okungangabazeki ukuthi zehla kahle kubalandeli baMakhosi abaningi.

UZwane uzobambisana noDillion Sheppard ozoba ngumsizi wakhe. Laba bobabili bebevele besebenza ndawonye bengabasizini bakaStuart Baxter, okhonjwe indlela ngenxa yokubheda kwemiphumela.

Kugoqwe isizini sekuvele kuphethe uZwane noSheppard ngemuva kokuhamba kukaBaxter futhi abalandeli bebekuthanda lokho.

“Siyabonga kakhulu ukuthi nifike yize sinibize ngokushesha okungaka. Sicabanga ukuthi lesi simemezelo sizonika iqembu umhlahlandlela oqondile ukuya phambili,” kusho uKaizer Motaung Junior oyisikhulu seChiefs.

“UZwane uzoba umqeqeshi wethu kule minyaka emithathu ezayo. Sikucabange kakhulu lokhu sase sibheka ukuthi njengeqembu sizoya kanjani phambili.”

Kuyaziwa ukuthi uKaizer Motaung Junior uyamthanda uZwane futhi uke waphumela obala phambilini ngokuthi ufuna kube uyena ophatha iqembu.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.