Kufezeke isifiso sabalandeli kuxoshwa uBaxter kwiChiefs

UStuart Baxter
Sihle Ndlovu

Sesigcine sifezekile isifiso sabalandeli beKaizer Chiefs, wakhonjwa eza ngayo obengumqeqeshi waMakhosi uStuart Baxter.

Ngokubika kweSoccer Laduma isimemezelo sokushiya kukaBaxter senziwe yiSporting Director yeqembu, uKaizer Motaung Junior. Kuvela ukuthi u-Arthur Zwane noDillion Sheppard yibona abazobamba kuze kuphele isizini.

UBaxter ubesayine inkontileka ebizophela ngo-2023 kanti ibinombandela wokuthi aphinde ayivuselele ngeminye iminyaka emibili.

Lo mqeqeshi ubesebuya okwesibili eNaturena, kanti ufike ezovala isikhala sikaGavin Hunt, oshiye ingakapheli isizini edlule. Ngehlandla lakhe lokuqala phakathi kuka-2012 no-2015, uBaxter uwine isicoco seligi kabili nezindebe ezimbili zakuleli neqembu laseNaturena.

Ukuhamba kwakhe ngemuva kwalokho, kwakhalisa abalandeli abaningi baMakhosi ngenxa yempumelelo ayeyilethe eqenjini.

Nokho kulokhu lo mqeqeshi ubeseyiqaqa kubalandeli beZimpofana abebekhala ngokuthi iqembu lithola isibhaxu njalo ngaphansi kwakhe. Bebekhela ngokuthi akafuni ukusebenzisa abadlali abafana noNjabulo Ngcobo, Nkosingiphile Ngcobo nabanye abasebancane.

IChiefs izobhekana neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *