UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter
Kuhlangane izingqungqulu zebhola labezifazane e-Afrika emdlalweni wamanqamu kwi-Aisha Buhari Cup ozoba seMobolaji Johnson Arena ngoLwesibili ngo-4 ntambama.
Lezi zingqungqulu, okuyiNigeria neNingizimu Afrika ziyizimbangi ezindala kuzo zonke izinhlaka zebhola lamazwe ngamazwe.
IBanyana beyibaba emdlaweni wayo wokuqala weBuhari Cup njengoba idlule kalula kwelaseGhana iBlack Queens eyibhaxabule ngo 3-0.
UHilda Magai, Thembi Kgatlane noSibulele Holweni yibo abangcwaba iBlack Queens ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngosuku lokuvula lomqhudelwano ngoLwesithathu, iSuper Falcons yehlula iFemale Eagles yaseMali ngo 2-0, womabili amagoli aqhamuka kuGift Monday ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
AmaSuper Falcons, abangomphetha base-Afrika bayishaya iBanyana kumaphenathi emdlaweni wamanqamu kwiCAF Women’s Africa Cup of Nations ngo2018.
La maqembu ayeshayane aze abukana wena owabona amaqhude emdlalweno owaphela zibambene kwabe sekushaywa amaphenathi.
FUNDA NALA: UMhango ucishe walala ebaliwe ngenxa yokubusisa amantombazane ngotshwala
IBuhari Cup ifike kahle kwiBanyana njengoba izodlalakwiCosafa Women’s Cup ezoqla ngasekupheleni kwenyanga.
Lo mqhudelwano uzobanjelwa eGqeberha e-Eastern Cape kanti ukudlala kwiBuhari Cup kuzoyibeka ethubeni elingcono iBanyana.
IBanyana iqhathwe kuGroup A kulo mqhudelwano ne-Angola, Mozambique neMalawi.