Kugcine elikaMaMkhize ngemidlalo yokuhlunga esiphinde yahlehla

Kugcine elikaMaMkhize ngemidlalo yokuhlunga esiphinde yahlehla
UShauwn "Makhize" Mkhize
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Lugobe ngakwiPSL uphondo njengoba ingakwazanga ukuthola isikhathi enkantolo ukuze icele ukuba kuhoxiswe incwadi yokumiswa kwemidlalo yokuhlunga eyanikwa iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize.

IRoyal AM yathola le ncwadi ngoMsombuluko kusihlwa enkantolo enkulu yaseGauteng. Le ncwadi yayivimbela iPSL ukuthi iqhubeke nemidlalo kuze kube kuphethwa udaba lweRoyal AM olusenkantolo.

Kuthe ngoLwesithathi iPSL yayalela iRichards Bay ukuba ilibangise eGqeberha la ibizodlala khona neChippa United ngoLwesine ntambama. IRoyal AM ibhole yakhahlela yathi iPSL idelela inkantolo ngokwenza lokhu.

Ngingumuntukazana nje kodwa ngicabanga ukuthi iPSL iphula umthetho ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga. Incwadi yenkantolo yathi imidlalo yokuhlunga ka-2020/21 kumele imiswe.

“Futhi njengamanje asikho esinye isinqumo senkantolo esiphikisa lesi sikaJaji Nyathi,” kusho uMnisi ekhuluma nabeSAfm ngoLwesithathu kusihlwa.

IPSL izoya enkantolo iyocela ukuba kuxoxiswe le ncwadi ngoLwesihlanu, bese uma iyivuna inkantolo imidlalo iqhubeke ngoMgqibelo. Encwadini ephuma kubameli bePSL ibhekiswe kwiRoyal AM, kuyazwakala ukuthi sekuyimpi yangempela ke manje.

Ngokwale ncwadi, iPSL ithe ngeke iphendule ngezinsolo ebhalelwe zona yiRoyal AM okwamanje, kodwa iyokwenza lokho ngesikhathi esifanele. Ithe umdlalo obekumele ube ngoLwesine usuhlehlisiwe.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *