Kugcine kulungile kwiTeam of Choice ithola iwini yokuqala yesizini

Sihle Ndlovu

Maritzburg United (2) 2

Bloemfontein Celtic (0) 1

Ithole iwini yayo yokuqala kule sizini yeDStv Premiership, iMaritzburg United eshaye iBloemfontein Celtic eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto.

ITeam of Choice ayiyiqalanga kahle isizini njengoba ibihluleka ukuwina imidlalo yeligi kwaze kwaxoshwa umqeqeshi u-Eric Tinkler. Izintambo zinikwe u-Ernst Middendorp obeqeqesha iKaizer Chiefs ngesizini edlule, okubukeka sengathi ufike washintsha izinto.

Umdlalo uqale kuyiMaritzburg ebibukeka ilincinza kancono kunezivakashi. Akumangazanga ngesikhathi uThabiso Kutumela elibeka phakathi ngomzuzu ka-26, ngemuva kokuthola enhle iphasi ebivela kuKeagan Buchanan.

Abafana baseMphithi baqhubekile nokungqongqoza emzini wamaSele Sele, kubhoke yena uKutumela noDaylon Claasen. Kugcine konakele ngomzuzu ka-36 bembeka phansi ebhokisini uClaasen, unompempe wayikhomba emlotheni. Iphenathi ishaywe uyena uKutumela kwaba ngu 2-0.

Ziye ekhefini ishayela phezulu iTeam of Choice ngo 2-0. Ngesiwombe sesibili iMaritzburg ibisadlala ngendlela efanayo. Nokho iPhunya Sele Sele ibisizama ukungayidedeli kalula.

Igoli lokubika ekhaya leCeltic lishaywe uVictor Letsoalo ngomzuzu ka-83. Nokho iTeam of Choice ikwazile ukubambelela, yahamba nawo amaphuzu amathathu.

IMaritzburg izobhekana neChiefs kowePremiership ngesonto elizayo. UKutumela uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.