Kugcwaliseke eyeThwihli Thwahla iChiefs ingavuseleli noNurkovic

USamir Norkovic
Sihle Ndlovu

Kugcwaliseke ukuthi uSamir Nurkovic uzobe eyibamba kwiRoyal AM ngesikhathi iKaizer Chiefs iveza ukuthi ngeke iyivuselele inkontileka yakhe eNaturena ngoLwesithathu.

Inkontileka yalo mgadli waseSerbia neChiefs ifinyelela esiphethelweni ngoJuni 30, kanti lo mdlali usevele ukhonjwa kwiThwihli Thwahla.

“IKaizer Chiefs ngeke iyivuselele inkontileka kaSamir Norkovic uma isiphela ngoJuni 30 ka-2022,” kusho iTwitter yeChiefs.

“Lo mdlali waseSerbia aqale ukudlalela iChiefs eshaya into ecokeme njengoba eshaya amagoli angu-14 kwisizini yakhe yokuqala. Simfisela okuhle kodwa uKokota.”

Abazazi zonke zeRoyal AM bathi uNurkovic usevele uqede konke neqembu njengoba esayine inkontileka yeminyaka emithathu. Lo mdlali akadlalanga imidlalo eminingi ngesizini edlule kwiChiefs njengoba ebehlushwa ukulimala.

Kusalindeleke ukuthi iChiefs iphinde idedele abanye abadlali njengoba izama ukwakha iqembu kabusha.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.