Kugiya uJali noShalulile kwabaqokelwe izindondo kwiPSL

Kugiya uJali noShalulile kwabaqokelwe izindondo kwiPSL
U-Andile Jali
OkaDonga Gumbi

U-Andile Jali nozakwabo kwiMamelodi Sundowns uPeter Shalulile yibona abaqokwe eminxeni eminingi emiklomelweni yePSL yokuvala unyaka.

Le miklomelo kulindeleke ibe ngeSonto lomhla ka-29 kuMeyi uma sekuqedwe yonke imidlalo yePSL kule sizini.

Isizini izophela ngoMgqibelo womhla ka-28 ngomdlalo wamanqamu weNedbank Cup la iMamelodi Sundowns izokhiphana khona inkani neMarumo Gallants eRustenberg.

UJali noShalulile baqokwe noBradley Ralani emklomelweni womdlali ovelele kwiMTN8 obizwa ngeLast Man Standing.

ISundowns yiyo eyawina lo mqhudelwano ihlula iCape Town City kowamanqamu. URalani wayesadlala kwiCity ngaleso sikhathi njengoba esekwiSundowns manje.

KwiNedbank Cup khona abaqokelwe kumdlali osemncane ngeminyaka owenze kahle, iMost Promising Player, kuncintisana oKeegan Allan, Luvuyo Phewa be-University of Pretoria noMfundo Thikazi weRoyal AM.

Kowomdlali ovelele kwiNedbank Cup kubuye uJali kanti kulona uncintisana nozakwabo kwiSundowns u-Aubrey Ngoma nonozinti weGallants uKing Ndlovu.

KwiDStv Premiership khona konozinti kuncintisana uVeli Mothwa waMaZulu FC, Toaster Nsabata weSekhukhune United noHugo Marques weCity.

Kweyesitobha esivelele kukhona oLyle Lakay noGrant Kekana beSundowns noThami Mkhize weCape Town City.

UJali uphinde wabuya wabavelele esiswini la ebangisana khona nozakwabo kwiSundowns uThemba Zwane noMduduzi Mdantsane weCity.

FUNDA NALA: UHotto ufuna ukuwina indebe yakhe seyibili kwiPirates ngeyeConfed Cup

Kumdlali osemncane ngeminyaka ovelele kubanga oKwame Peprah we-Orlando Pirates, Athenkosi Mcaba weStellenbosch noLuke Fleurs weSuperSport United.

UShalulile noJali baphinde babuya emklomelweni womdlali ovelele ozovotelwa ngabanye abadlali la ebanga khona nozakwabo kwiSundowns uThemba Zwane.

Kowabaqeqeshi bonyaka kukhona uManqoba Mgqithi noRulani Mokwena beSundowns, uJohn Maduka weRoyal AM no-Eric Tinkler weCity.

Kwabe DStv Diski Challenge khona kubanga oweKaizer Chiefs, uMduduzi Tshabalala ovikise leli qembu ihlazo lokungabi nanoyedwa oqokiwe, nowePirates uBoitumelo Radiopane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.