Kugqame inkunzi yeDowns iBafana ibhubhudla iSierra Leone

UThemba Zwane weBafana Bafana
Sdina Ngubo

INingizimu Afrika ikwaze ukushaya iSierra Leone okokuqala emlandweni kulandela ukuwina ngo 4-0 emdlalweni wobungani eFNB Stadium,  eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.

IBafana Bafana ibihlale ihluleka ukudlula kuleli qembu emidlalweni ebalulakile yokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni ebalulekile. Nokho ngoMgqibelo iqembu likaHugo Broos likhombise okukhulu ukuzimisela lakha inqwaba yamathu ngesiwombe sokuqala.

Kulabo abacabanga ukuthi lo mdlalo awusho lutho kumele bakhunjuzwe ukuthi iBafana izobhekana neSierra Leone emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2024, ngoMashi wonyaka ozayo. Ngakho lo mdlalo ububaluleke kakhulu kwiBafana njengoba sekuphele eside isikhathi ingalubhadi kwi-Afcon kanjalo neNdebe yoMhlaba.

Okunganconywa ngoBroos ukuvumela ukuxuba abadlali abasebancane nalabo asebekhulile. Kugqame ukudlala kahle kukaThemba “Mshishi” Zwane weMamelodi Sundowns, oshaye amagoli amabili kulo mdlalo wobungani. Elinye igoli leBafana lishaywe uMihlali Myambela, kwathi elokuhlaza izihambi lashaywa ngu-Aubrey Modiba.

UZwane udlale elihle ibhola ngaphandle nje kokushaya amagoli amabili kulo mdlalo okhombisa indlela eya phambili eqenjini lesizwe laseMzansi. UMshishi ubekhululekile futhi ekhombisa ukuthi amava awathengwa kunobhutshuzwayo. Emdlalweni olandelayo iBafana izobhekana neBotswana ngoLwesibili.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *