Kugqame uMapimpi amaBhokobhoko ebukisa nge-Argentina

Kugqame uMapimpi amaBhokobhoko ebukisa nge-Argentina
UMakazole Mapimpi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaBhokobhoko aphinde ayishaya i-Argentina emdlalweni weRugby Championship eNelson Mandela Bay Stadium ePort Elizabeth ngoMgqibelo.

Iqembu lakuleli liwine ngo 29-10 emdlalweni lapho lihlulekile ukuthola iphuzu lebhonasi. Nokho okuhlalukile ukuthi amaBhokobhoko awumshini.

Futhi abadlali abafana noMakazole Mapimpi basayibamba kuzwakale. UMapimpi ungomunye wabadlali abashaye ama-try emdlalweni wangoMgqibelo.

Ukuwina kweNingizimu Afrika kuchaza ukuthi isayibambe kahle emidlalweni emibili eyidlalile. Lona bekungumdlalo wesibili weChampionship.

AmaBHokobhoko ancintisana neNew Zealand, Ergentina ne-Australia kulo mqhudelwano. INew Zealand ne-Australia yizoba zimbangi ezinkulu zelakuleli.

Abevele amaBhokobhoko ephuma ekuwineni uchungechunge lwemidlalo ebalulelekile neBritish and Irish Lions, lapho edlule khona ngo 2-1.

Emdlalweni olandelayo iNingizimu Afrika izobhekana ne-Australia ngoSepthemba 12. Njengamanje iqembu lakuleli yilona eliqhwakele kwilogi ngoba iNew Zealand ne-Australia abadlalanga kule mpelasonto.

Ngonyaka odlule amaBhokobhoko awazange ayidlale imidlalo yeChampionship ngenxa yesimo seCorona.

Imidlalo yeNingizimu Afrika ne-Australia izodlalelwa ekuhambeni, eSydney Stadium naseSuncorp Stadium, ngenxa yeCorona.

Igcina ukudlala kulo mqhudelwano iNingizimu Afrika yawuwina ngo-2019, yase idlulela ekutheni ibe ngompetha bomhlaba ngokuwina iNdebe yoMhlaba eJapan.

Njengamanje kubukeka sengathi ingakuphinda lokho njengoba ishaya kwasani oluphambi kwayo.

FUNDA NALA: IMaritzburg isale ibona izinkanyezi isiyigilile i-Arrows

Uma ingawina imidlalo emibili ezoyidlala ne-Australia bese ingavumi ukushaywa yiNew Zealand emdlalweni owodwa, iyobe isihambe naso isicoco seChampionship.

“Okubalulekile ukuthi sibumbane, kuthi uma kukhona esihlala nabo ebhentshini sibuke ukuthi umdlalo uhamba kanjani.

“Ngeke vele sidlale sonke ngesikhathi esisidwa kodwa uma ngingaphandle ngiyawabuka ama-lineouts, sinabanye
abadlali,” kusho uSiyamthanda Kolisi, ukaputeni weNingizimu Afrika.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.